Ubuvila Nobuphukuphuku
1Umuntu oyivila ufana netshe elingcolile, futhi bonke banyenyeza ngehlazo lakhe. 2Umuntu oyivila ufana nobulongwe, noma ngubani othuka ebuthatha ngesandla uyakubudicila ngokushesha esandleni sakhe.
Izingane Ezingahloniphi
3Kuyihlazo ukuba nguyise wendodana engahloniphi, kanti ukuzalwa kwentombazane kufana nokulahlekelwa. 4Indodakazi ehlakaniphile ifumana umyeni okungowayo, kodwa leyo eyenza okubi iyisinengiso kuyise. 5Indodakazi eyisiphoxi, iphoxa uyise nomyeni wayo, futhi iyobukelwa phansi yibo bobabili. 6Inkulumo egaxela kungesikhathi ifana nomculo ngesikhathi sokulila, kodwa ukuzibamba kungukuhlakanipha sonke isikhathi. 7Izingane ezikhuliswe kahle ziyabugqiba ubuntukazana babazali bazo 8Izingane eziphakeme ngendlela ecasulayo nenobudlova zingcolisa ukuhlonipheka komndeni. 9Lowo ofundisa isilima ufana nalowo ozama ukuhlanganisa ndawonye izingcezu zokhamba olufileyo, noma ovusa olele ebuthongweni obunzima. 10Oxoxela isilima indaba, ufana noxoxela umuntu owozelayo, ekugcineni siyakuthi: “Konje ubuthini?”
11Mlileleni ofileyo, ngokuba usekushiye ngemuva ukukhanya; futhi silileleni isiphukuphuku, ngokuba sikushiye ngemuva ukuhlakanipha. Mkhaleleni ofileyo kodwa hhayi ngobuhlungu ngokuba usekuphumuleni, kepha impilo yesiphukuphuku idlula ukufa uqobo. 12Ukulilela ofileyo kuba yizinsuku eziyisikhombisa, kodwa okwalowo oyisilima nabangena nkulunkulu kuba yizo zonke izinsuku zokuphila kwabo.
Ukugcina Ubungani
13Ungakhulumi kakhulu nomuntu ongenangqondo noma uvakashele umuntu ongahlakaniphile. Deda kuye, hleze uzithole usotakwini, uzithole uchaphazeleka lapho ezithuntutha. Mbalekele ukuze uthole ukuphumula, futhi ungakhathazwa ukungabi nangqondo kwakhe. 14Kuyini okusinda ukwedlula umthofi futhi liyini igama lakho ngaphandle “kweSiwula?” 15Isihlabathi, nosawoti kanye nebazela lensimbi kulula ukukuthwala kunomuntu oyisiwula. 16Insika yogodo uma iboshelwe yaqina endlini kayinakunyibiswa ngukuzamazama komhlaba; kanjalo nengqondo ethathe isinqumo emva kokucabangisisa ayesabi noma isibhekene nenhlekelele. 17Ingqondo ezinzile ekucabangeni okunokuhlakanipha ifana nobonda oluqinileyo olugudlwe ngobuciko. 18Uthango olusendaweni ephakemeyo alunakuma ngesikhathi sesivunguvungu; injalo nengqondo engenakuzethemba ithatha izinqumo okwesiwula, ayikwazi ukuma iqine lapho ibhekene nakho konke okwesabisayo.
Ubungani
19Lowo ohlokoza iso uletha izinyembezi kanti ohlaba inhliziyo wenza imizwa yayo ivele obala. 20Lowo ojikijela izinyoni ngetshe uyazethusa zibaleke, nalowo othuka umngane uyobubulala ubungani. 21Uma uke wahoshela umngani wakho inkemba, ungaphelelwa yithemba, ngokuba ikhona indlela yokukuguqula lokho. 22Uma ukhuluma umelene nomngani wakho, ungakhathazeki ngokuba likhona ithuba lokubuyisana. Kodwa ukumthuka, nokuba negqabho, nokudalula izimfihlo, noma ukumgwaza efulathele, akukho mngani ongamelana nakho konke lokhu ngaphandle kokuba aziqhelelanise nawe. 23Thembeka kumakhelwano wakho ngesikhathi sobuphofu bakhe, ukuze uthokoze naye ngesikhathi sokuceba nokunethezeka kwakhe. Yima naye ngesikhathi sobunzima bakhe, ukuze uhlanganyele naye efeni lakhe. 24Umusi nentuthu yesithando somlilo kwandulela ikloba lomlilo; kanjalo nokujivaza kwandulela ukuchitheka kwegazi. 25Anginamahloni okukhoselisa umngani, futhi anginakumcashela. 26Kepha uma ngithola ukulinyazwa ngenxa yakhe, wonke umuntu ozwa ngaye uyakumxwaya.
Umkhuleko Wokucela Usizo Lokumelana Nesono
27Ngubani ozakufaka isimfonyo emlonyeni wami, noma yini enye enokunqinda izindebe zami, ukuze ngingawi ngenxa yakho futhi ngingabhujiswa lulimi lwami?