USirakhi 35
Umthetho Kanye Neminikelo
1Lowo ogcina umthetho wenza iminikelo eminingi; nalowo olalela imiyalelo wenza umnikelo wokuphila kahle. 2Lowo owenza isenzo sesihawu unikela ngokolweni wekhethelo, nalowo owenza iminikelo unikela ngokubonga. 3Ukuzivikela ebubini kuyayithokozisa iNkosi, kanti nokubalekela ukungalungi kuyisihlengo soqobo. 4Ungezi phambi kweNkosi ungaphethe lutho, ngokuba konke okunikelayo kungukugcwalisa umthetho.
5Iminikelo yabalungileyo iyalicebisa i-althare, futhi iphunga lawo elimnandi likhuphukela koPhezukonke. 6Umnikelo wabalungileyo uyemukeleka, futhi kawusoze wakhohlakala. 7Nikela eNkosini umnikelo oyifaneleyo nohloniphekile, ungabi liqonqela lapho unikela ngezithelo zokuqala zezandla zakho. 8Ngazo zonke izipho ozinikelayo khombisa ubuso obuthokozile, futhi unikele okweshumi ngokuthokoza.
9Mnike Ophezukonke njengoba nawe ekunikile, uthokoza, umnike ngokuphana njengokwamandla akho. 10ngokuba uSimakade nguye okunika umvuzo, uyakukubuyisela ngokuphindwe kasikhombisa. 11Unganikeli kuye umnikelo wokumthenga, ngokuba ngeke awemukele; 12futhi ungabambeleli eminikelweni yokungethembeki; uSimakade ungumahluleli, kuye akukho ukwenzelela.
Ubulungisa BukaNkulunkulu
13Akanakwenzelela lapho ebhekene nabampofu; uyakuwulalela umkhuleko walowo owoniwe. 14Akayikuthalalisa lapho ezwa umkhuleko wentandane, nalapho umfelokazi ethulula ukukhathazeka kwenhliziyo yakhe. 15Ngabe izinyembezi zomfelokazi azigijimi zehle ezihlathini zakhe lapho ekhala nesililo ngalowo omdicilela phansi na? 16Lowo omsebenzi wakhe uyithokozisa iNkosi uyakwamukelwa, nomkhuleko wakhe wofinyelela emafini.
17Umkhuleko wothobekileyo udabula amafu, awunakuphumula ungakakufezi owenzelwe khona; 18awunakupheza aze Ophezukonke awuphendule enze ubulungisa kwabalungileyo futhi enze nokwahlulela. 19Impela, iNkosi ayinakuthalalisa, njengeqhawe ayiyukuba nasineke 20ize ichithe labo abangenasisa; ibuyisele impindiselo ezizweni; 21ize ichithe izinkumbi zabangalaleli, yephule umnsalo wabangalungile; 22inike izidalwa njengokwezenzo zazo, nemisebenzi yabo njengokwemicabango yabo; 23ize yahlulele icala labantu bayo yenze bathokoze emseni wayo. 24Umusa wayo ufana nokwamukelwa ngesikhathi sobunzima, nanjengamafu emvula ngesikhathi sesomiso.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.