USirakhi 44
Iculo Lokuhlonipha Okhokho Bethu
1Ake manje sihlabelele sihashe amadoda adumile, okhokho bethu ngokwezizukulwane zabo. 2INkosi yababela udumo olukhulu, nobukhosi bayo kwasekuqaleni. 3Kukhona labo ababebusa emibusweni yabo, bazenzela igama ngobuqhawe babo; bengabeluleki ngenxa yokuhlakanipha kwabo; labo ababekhuluma amazwi ayiziphrofetho; 4behola abantu ngeziyalo zabo nangokwazi kwabo umlando wabantu; babehlakaniphile ekukhulumeni nasekufundiseni; 5bengabaqambi bamahubo, baze bawasicilele phansi; 6amadoda acebile ayevunuliswe ngengcebo, ehlala ngokuthula emizini yawo, 7bonke laba babehlonishwa ezizukulwaneni zabo, futhi beyiqholo lalabo ababephila nabo.
8Abanye babo bazishiyele igama elihle, ukuze abanye baphakamise udumo lwabo. 9Kodwa abanye akukho ukukhunjulwa kwabo; babhubha kwangathi abakaze baphile; baba sengathi abakaze bazalwe, bona kanye nezalo yabo emva kwabo. 10Nabo laba babengabalungileyo, abazenzo zabo zingazange zikhohlakale; 11ingcebo yabo iyosala ezizukulwaneni zabo, ifa labo kubantwana babantwana babo. 12Inzalo yabo ime ngokwesivumelwano; nabantwana babo ngokunjalo.
13Inzalo yabo iyakuqhubeka kuze kube phakade, udumo lwabo alusoze lwashabalala. 14Imizimba yabo ingcwatshwe ngokuthula, kodwa amagama abo ayaphila izizukulwane ngezizukulwane. 15Umgwamanda utusa inhlakanipho yabo, nebandla liphakamisa udumo lwabo.
Ukutuswa Kwamaqhawe U-Enokhi
16U-Enokhi wamthokozisa uSimakade futhi wahlwithwa wenyukela emazulwini, uyisibonelo sokuphenduka ezizukulwaneni ngezizukulwane.
UNowa
17UNowa wafumaniseka engopheleleyo elungile; ngesikhathi solaka wasigcina isizwe saphila; ngakho-ke insali yasala emhlabeni lapho kufika izikhukhula. 18Izivumelwano zaphakade zenziwa naye zokuthi yonke inyama ayisoze yaphinda ibhujiswe ngozamcolo.
U-Abhrahama
19U-Abhrahama wayenguyise omkhulu wezizwe eziningi, futhi akukatholakali muntu ofana naye ngodumo. 20Wawugcina umthetho woPhezukonke, wangena esivumelwaneni naye; wasiqinisa isivumelwano enyameni yakhe, lapho elingwa wafumaniseka ethembekile. 21Ngakho-ke iNkosi uMvelinqangi yamnika isiqiniseko ngesifungo sokuthi izizwe ziyakubusiswa ngenxa yenzalo yakhe; nokuthi iyakumenza ande njengothuli lomhlaba, iphakamise inzalo yakhe njengezinkanyezi, ibanike ifa kusukela olwandle kuya kolunye, kusukela e-Yufrathe kuya emikhawulweni yomhlaba.
U-Isaka NoJakobe
22Ku-Isaka, yanikeza isiqiniseko esifanayo ngenxa kaYise u-Abhrahama. Ukubusiswa kwesintu sonke kanye nesivumelwano, 23eyasenza sihlale ekhanda likaJakobe; yamemukela ngesibusiso sayo, yamnikeza ifa lakhe; yahlukanisa isabelo sakhe yazabela izizwe eziyi-12.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.