Izeluleko Ezinhlobonhlobo
1Ungenzi okubi, nokubi akunakukwehlela; 2deda kokubi nakho kodeda kuwe. 3Ndodana, ungatshali emiseleni yokungalungi, ngokuba awunakuzuza ngokuphindiwe. 4Ungasiceli isikhundla kuSimakade noma isihlalo esihloniphekile kumbusi. 5Ungazenzi olungileyo phambi kwenkosi noma ukhombise ukuhlakanipha kwakho kuyo. 6Ungalangazeleli ukuba ngumahluleli; funa ungabi namandla okuqeda ububi, noma wesabe abasezikhundleni bese uphambana nobuwena. 7Ungenzi okubi emphakathini, futhi ungazihlazi kubantu. 8Unganqwabeli isono phezu kwesono, ngoba uyojeza noma sisinye. 9Ungasho ukuthi: “USimakade uyakunaka izipho zami eziningi; nokuthi lapho ngenza umhlatshelo koPhezukonke, uyakuwamukela.”
10Ungakhathali ukukhuleka futhi ungadembeseli iminikelo yesihle. 11Ungamhleki omunye ngoba ephoxekile, ngoba munye ophakamisayo nowehlisayo. 12Ungakuhlosi ukukhohlisa umfowenu noma wenze okufanayo kumngani. 13Ungavumi neze ukuqamba amanga ngoba lokho kungumkhuba ongenazithelo ezinhle. 14Ungakhulumeli futhi phakathi kwezikhulu zebandla, nalapho ukhuleka ungathemelezi. 15Ungakuvilapheli ukusebenza ngezandla ngoba ukusebenza umhlaba kwamiswa ngoPhezukonke. 16Ungazihlanganisi nezoni, ukhumbule ukuthi ulaka alunakulibala. 17Zithobe ngokupheleleyo, ngokuba ukubhujiswa kwababi kungomlilo nempethu.
Ubudlelwano Nabanye
18Ungamdayisi umngani wakho ngenxa yenzuzo, nomfowenu wegazi ngenxa yegolide lase-Sofire. 19Ungamxoshi umfazi ohlakaniphile nolungile; ngokuba ubuhle bakhe bedlula igolide. 20Ungasihlukumezi isisebenzi esisebenza ngokwethembeka, noma abaqashiweyo abazinikele emsebenzini wabo. 21Siphathe ngothando isisebenzi esihlakaniphileyo, ungayinqindi inkululeko yaso.
22Unazo yini izinkomo? Ziphathe kahle, uma zikulethela inzuzo ungehlukani nazo. 23Unawo amadodana na?, aqondise uwafake endleleni esemancane. 24Unawo amadodakazi na? Vikela ubuntombi bawo, ungawabuki ngomhawu. 25Yendise indodakazi yakho, uyobe ufeze umsebenzi omkhulu; kodwa uyiganisele umyeni onengqondo. 26Unaye yini umfazi okuthokozisayo?, ungamlahli; kodwa ungazibopheleli kulowo ongathembekile kuwe.
27Mhloniphe uyihlo ngenhliziyo yakho yonke, ungazikhohlwa izinseka zikanyoko. 28Khumbula ukuthi ukhona ngenxa yabazali bakho, uyobenzelani ngalokho abakwenzela khona na? 29Yesabe iNkosi ngomphefumulo wakho wonke uhloniphe nabaphristi bakho. 30Mthande uMdali wakho ngamandla akho onke, ungazishiyi izinceku zakhe zinganakekelwe.
31Mesabe uSimakade, umhloniphe umphristi, umnike isabelo sakhe njengoba uyaliwe: izithelo zokuqala, umnikelo wecala, umnikelo wenkomo, umnikelo wokuyingcwele nokwezithelo zokuqala okwezinto ezingcwele. 32Yelulela isandla sakho nakwabampofu, ukuze sipheleliswe isibusiso sakho. 33Baphe ngokwenama bonke abaphilayo, ungabagodleli umusa nasebafa. 34Ungabafulatheli abalilayo kodwa lila kanye nabo. 35Ungangabazi ukuhambela abagulayo ngoba ngokwenze njalo uyothandeka. 36Kukho konke okukhulumayo, khumbula isiphetho sempilo yakho; uma wenze njalo awusoze wona naphakade.