KuThithu 3
Ukulalela Amakhosi
1Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle; 2bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.
3Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana. 4Kepha lapho sebubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, 5wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele, 6amthululela ngokwevileyo phezu kwethu, ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu, 7ukuze sithi silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
Xwaya Izimfundiso Zamanga
8Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu, 9kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude. 10Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili, 11wazi ukuthi lowo muntu uphambukile, uyona, futhi uzahlulela yena.
Isiphetho
12Kuyakuthi uma sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, uphuthume uze kimi eNikhopholi, ngokuba senginqumile ukuthi ngihlale lapho ebusika. 13UZena, ummeli, no-Apholo basendleleni, uqinisekise ukuthi abasweli lutho. 14Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo.
15Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni.
Umusa mawube nani nonke.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.