Umkhuleko KaTobiti
1Ngigcwele usizi nobuhlungu emphefumulweni ngakhala, ngibubula ngikhala, ngaqala ukukhuleka ngathi:
2“Ulungile, Nkosi
futhi zonke izenzo zakho zilungile;
zonke izindlela zakho zingububele neqiniso;
nezahlulelo zakho ziyiqiniso
nokulunga kuze kube phakade
3Manje-ke Nkosi, ngikhumbule
futhi ungibheke ngomusa,
ungangijezisi ngenxa yezono zami
nangenxa yalezo engizenze ngingazi,
nalezo okhokho bami
abazenza phambi kwakho.
Bona phambi kwakho,
4abalalelanga imithetho yakho.
Ngakho-ke wasinikela ukuba sihlikizwe,
sithunjwe, nokuba sibulawe,
ukuba kukhulunywe ngathi,
sibe yisicunulo nenhlekisa
phakathi kwezizwe osihlakazele kuzo.
5Ngakho-ke izahlulelo zakho eziningi
ziyiqiniso
futhi kukufanele
ukuba ungijezise ngezono zami.
Ngokuba asiyigcinanga imithetho yakho
futhi asihambanga
ngokweqiniso phambi kwakho.
6Ngakho-ke yenza kimi
njengokuthanda kwakho;
yisho ukuba umoya wami
ususwe kimi,
ukuze ngikhululwe ebusweni bomhlaba
ngibuyele othulini.
Ngokuba kungcono kimi
ukufa kunokuphila,
kunokuba ngilalele ngezindlebe zami
ukuthukwa okungangifanele,
ngakho-ke lukhulu usizi
enhliziyweni yami.
Khuluma, Nkosi,
ukuba ngikhululwe kulobu buhlungu;
ngikhulule ukuze ngiye
emzini waphakade.
Ungalokothi, Nkosi ungifulathele,
ngokuba kungcono kimi ukufa
kunokuba ngibone
ubuhlungu obungaka
empilweni yami
nokuba ngizwe inhlamba.”
Izingxaki ZikaSara
7Ngalolo lusuku e-Ekbhathana eMediya, uSara indodakazi kaRaguweli wathethiswa ngomunye wezisebenzi zikayise, 8ngenxa yokuba wayesendele emadodeni ayisikhombisa, onke afa ebulawa yidimoni u-Asmodeyusi ngaphambi kokuba alale naye njengokusemthethweni ngabesifazane. Ngakho-ke isisebenzi sikayise sathi kuye: “Nguwe obulala abayeni bakho! Bheka usuwendele emadodeni ayisikhombisa kodwa akukho neyodwa kuwo oyizalele indodana. 9Usishayelani na? Yingenxa yokuba bonke abayeni bakho sebafa na? Hamba nabo! Makungabikho ndodana noma indodakazi yakho esiyibonayo phakade.”
10Ngalolo lusuku wayehlubukile emoyeni ngakho wakhala. Wakhuphukela endlini kayise engenhla, ehlose ukuzilengisa. Kepha kwathi nxa ekucabangisisa lokhu wathi: “Abasoze bakhuluma kubaba bathi: ‘Ubunendodakazi eyodwa kodwa izikhungile ngenxa yobuhlungu benhliziyo’ bese ngenza ubaba ebudaleni bakhe aye eHayidesi egcwele usizi. Kungcono ukuba ngingazilengisi, kodwa ukuba ngikhuleke eNkosini ukuba ngife kunokuba ngilalele lokhu kucokofulwa ekuphileni kwami.”
Umkhuleko KaSara
11Ngaleso sikhathi izandla zami zivulekile ngibheke efasiteleni, ngakhuleka ngathi:
“Ubusisekile Nkulunkulu onesihawu!
Libusisekile igama lakho phakade;
yonke imisebenzi yakho
mayikudumise phakade.
12Manje Nkosi, ngibheka kuwe,
ngiphakamisela amehlo ami kuwe.
13Khuluma ukuba
ngikhululwe kulo mhlaba,
ngingabe ngisezwa
lokhu kucokofulwa.
14Uyazi Nkosi ukuthi ngimsulwa
angikaze ngingcoliswe
yindoda nakancu
15nokuthi angilihlazisanga igama lami
nelikababa ezweni
lokuthunjwa kwami.
Ngiyingane eyodwa nje kubaba;
akanayo enye indlalifa;
futhi kanazo nezihlobo ezisondele
noma abolibo lwakhe
engingaba ngumfazi kubo.
Ngikhuluma nje
sebeze baba yisikhombisa
abayeni bami,
futhi bonke abasekho.
Pho mina ngisaphilelani na?
Kepha Nkosi, uma kungakuthokozisi
ukuthatha impilo yami,
ngophule-ke manje ehlazweni lami.”
UNkulunkulu Ulalela Umkhuleko KaTobiti NoSara
16Imikhuleko yabo yezwakala phambi kobukhona obumangalisayo bukakulunkulu. 17Ngakho uRafayeli wathunyelwa ukubaphilisa bobabili. UTobiti wasuswa ulwelwe emehlweni akhe, ukuze akubone ngamehlo ukukhanya kukaNkulunkulu, noSara indodakazi kaRaguweli, wanikwa umendo noThobiyase indodana kaTobiti, futhi wakhululwa edimonini elibi u-Asmodeyusi. UThobiyase wayenelungelo lokumthatha uSara kunabo bonke ababenesifiso sokuganwa nguye. Ngesikhathi uTobiti ebuya esibuyeni somuzi ezongena endlini yakhe, noSara indodakazi kaRaguweli wayehla ephuma endlini ephezulu.