UThobiyase Ubamba Inhlanzi
1Yayisiphuma insizwa nengelosi eyayinayo; nenja yayilandela yahamba nayo, bahamba-ke ndawonye, lapho sebehlwelwe okokuqala bagoba amadlangala ngasemfuleni iThigrisi. 2Le nsizwa yehlela emfuleni iThigrisi ukuyogeza izinyawo. Kwathi isageza kwagxuma enkulu inhlanzi le eyazama ukugwinya unyawo lwale nsizwa, yakhala. 3Ingelosi yathi ensizweni: “Ibambe inhlanzi ungayiyekeli!”
Ngakho-ke le nsizwa yayibamba inhlanzi yayidonsela emhlabathini. 4Yase ithi ingelosi kuye: “Ihlinze ukhiphe inyongo, inhliziyo kanye nesibindi sayo. Kugcine lokhu, kodwa ulahle amathumbu. Ngokuba inyongo, nenhliziyo, kanye nesibindi kuyikhambi elinosizo olukhulu.”
5Emuva kokuba insizwa isiyihlinzile yakubeka konke ndawonye, yosa ingxenye yenhlanzi yadla, okusele yakufaka usawoti.
Endleleni Eya E-Ekbhathana
6Baqhubeka bobabili nohambo lwabo baze basondela eMediya. 7Insizwa yayibuza ingelosi yathi: “Mfowethu Azariya, inhliziyo, isibindi, nenyongo yenhlanzi kunalusizo luni lokwelapha na?”
8Yaphendula yathi kuyo, “Inhliziyo nesibindi senhlanzi ubokushisa, intuthu yakho iyakusiza umuntu ohlushwa yidimoni, umoya omubi, noma yikuphi okunye kuyobaleka kungaphinde kubuye nanini. 9Inyongo yona, uyogcoba ngayo amehlo omuntu asenolwelwe olumhlophe, amehlo ayovuleka.”
10Lapho engena eMediya esesondela e-Ekbhathana, 11uRafayeli wathi kule nsizwa: “Mfowethu Thobiyase,” wathi kuye: “Ngilapha.”
Wayesethi kuye: “Kufanele namuhla silale emzini kaRaguweli. Ungumhlobo wakho futhi unendodakazi egama layo linguSara. 12Akanandodana eyindlalifa nandodakazi ngaphandle kukaSara, futhi wena njengesihlobo sakhe, unelungelo kunawo onke amanye amadoda lokumthatha njengefa lakho. Futhi kuyilungelo lakho ukuba udle ifa likayise. Ngaphezu kwalokho le ntombi ihlakaniphile, inesibindi, futhi inhle kakhulu, noyise uyindoda elunge kakhulu.”
13Yaqhubeka yathi: “Unalo lonke ilungelo lokumthatha abe ngumkakho. Ngakho-ke ngilalele, mfowethu, ngalobu busuku ngizokhuluma noyise ngale ntombi, ukuze siyithathe ibe ngumkakho. Lapho sesibuya eRagesi sizakugubha umkhosi womgcagco wenu. Ngokuba ngiyazi ukuthi uRaguweli ngeke neze amvimbela ukuba athathwe nguwe, noma athembise enye indoda ngaphandle kokuthola isijeziso sokufa njengokomthetho wencwadi kaMose. Uyazi yena ukuthi wena, unelungelo kunamanye amadoda lokuganwa yindodakazi yakhe. Ngakho-ke ngilalele, mfowethu, namuhla sizakukhuluma sihlele umethembiso. Lapho sibuya eRagesi siyokumthatha sibuyele naye endlini yakwenu.”
14UThobiyase wayesethi kuRafayeli: “Mfowethu Azariya, ngizwile ukuthi kade eganile nokuthi useze wagana kasikhombisa futhi onke amadoda akhe afa ekamelweni lakhe. Ngobusuku angena ngabo ekamelweni lakhe, ayafa. Ngibezwile abantu bethi yidimoni elababulalayo. 15Manje ngiyesaba ngoba alimlimazi yena kodwa libulala noma ubani ofisa ukusondela kuye. Ngakho-ke mina ngiyindodana eyodwa kubaba, futhi ngiyesaba ukuthi ngizakufa ngilethe ubaba nomame engcwabeni belila futhi abanayo enye indodana engabangcwaba.”
16Kepha uRafayeli wathi kuye: “Awusasikhumbuli isiyalo sikayihlo sokuba uthathe umfazi ezihlotsheni zakho na? Ngakho-ke ngilalele manje, mfowethu, ungabe usasho lutho ngaleli dimoni. Mthathe, ngiyazi ukuthi kulobu busuku uzokunikelwa kuwe ukuba abe ngumfazi wakho. 17Lapho usungene ekamelweni, thatha ingxenye yesibindi kanye nenhliziyo yenhlanzi ukubeke elangabini njengempepho. Kuyakuphuma iphunga; idimoni liyakulizwa libaleke, lingabuye lisondele kuye futhi. 18Uma senizongena embhedeni ngokokuqala, nimelwe ukuma nina nobabili nikhuleke, niyinxuse iNkosi yezulu ukuba ininike umusa nokuphepha. Ungesabi, ngokuba wayehlukaniselwe wena ngaphambi kokuba kusekelwe umhlaba. Uyakumkhulula, yena ahambe nawe. Ngiyakholwa ukuthi uyakuba nezingane kuye, futhi ziyakufana nabafowenu. Ungabe usasho lutho!”
19Lapho uThobiyase esezwile amazwi kaRafayeli, futhi esazi ukuthi uSara ungudadewabo ngokolibo lukayise, wamthanda kakhulu nenhliziyo yakhe yadonseleka kuye.