Ukuhlakanipha Kwawahola Ama-Israyeli Edabula Ogwadule
1Ukuhlanipha kwachumisa umsebenzi wabo ngesandla somphrofethi ongcwele. 2Badabula ihlane elalingenamuntu, bamisa amathende abo ezimfundeni ezingazange zihlalwe muntu. 3Bamelana nezitha zabo bazichitha. 4Lapho sebomile bakubiza, wabaphuzisa edwaleni, kwathi etsheni elilukhuni kwavela ikhambi lokwelapha ukoma kwabo. 5Ngokuba ngezinto izitha zabo ezajeziswa ngazo, bona bathola inzuzo ezikhathini zokweswela kwabo.
Ukujeziswa KwabaseGibhithe
6Esikhundleni somthombo womfula ogeleza ingunaphakade owawudungwe yigazi, 7bejeziswa ngenxa yesimiso sokuba kubulawe izinsana, wabanika bengalindele amanzi angenakulinganiswa, 8ukhombisa ngokoma kwabo ngaleso sikhathi ukuthi lungakanani ulaka lwakho ezitheni zabo. 9Ngokuba lapho belingwa, nanxa ngesihe wawubahlola, bafunda ukuthi abangalungile bahlushwa kanjani nxa behlulelwa ngolaka.
10Ngokuba wabavivinya njengomzali enikeza isexwayiso, kodwa wahlola ababi ngenkosi elukhuni ikhipha isijezo sokuchitha. 11Ngisho babekhona noma bengekho bakhathazeka ngokufanayo, 12ngokuba ubuhlungu obuphindiwe babazongolozela, nokububula ngesikhathi salokho okwenzekile. 13Ngokuba lapho bezwa ukuthi ngokujeziswa kwabo abalungileyo bathola inzuzo, bakhanyelwa ngukuthi kwakungukwenza kweNkosi. 14Noma ngokubhuqa bamala lowo owayevele ekade walahlwa, ekugcineni bamangaliswa nguye lapho sebezwa ukoma ngendlela ehlukile kuneyolungileyo. 15Ngenxa yobuwula nobubi bemicabango yabo, eyabadukisayo baze bakhonza izinyoka nezilwane ezingenamkhuba, wabajezisa ngokubathumelela intilibathwa yezidalwa ezingenamqondo, 16ukuze bazi ukuthi umuntu ujeziswa ngaleyo nto emhuhela esonweni.
17Ngokuba isandla sakho esinamandla, esadala umhlaba sasingakweswele esingathuma ngakho izinkumbi zamabhele noma izingonyama, 18noma izilwane ezinolaka ezazisanda kudalwa kumbe lezo ezazikhafula umlilo emakhaleni azo, zithunqa intuthu, futhi zimehlo azo aqhakaza imibani; 19abakwenzayo kakugcinanga nje ngokuchitha abantu, kodwa ukubabona nje kwakufana nokubulala umuntu ngokumethusa. 20Nangaphandle kwalokhu wawunokubafuna ngobulungisa noma ubacekele phansi ngamandla akho, kodwa ukhethe ukulinganisa, nokubala konke okwenzayo.
UNkulunkulu Unamandla Futhi Unesihawu
21Ngokuba unokukhombisa amandla akho nanini lapho uthanda, futhi ngubani ongamelana nawe na? 22Ngokuba umhlaba wonke phambi kwakho ufana nocezwana olunganyakazisa isikali, ufana namazolo asekuseni awela emhlabathini. 23Unamandla okwenza noma yini, nokho unesihe kubantu bonke, uyathalalisa ungabheki izono zabo ngoba ubanikeza isikhathi sokuphenduka. 24Ngokuba uyakuthanda konke okuphilayo, awuzondi nakunye kwalokho okwenzileyo, ngokuba wawungenakukudala uma wawukwenyanya.
25Yini eyayingema uma bekungentando yakho na? Kwakungaphila kanjani lokho okungenziwanga nguwe na? 26Uvumela zonke izinto zibe khona, ngokuba zingezakho, wena Nkosi othanda konke okuphilayo.