Izithombe Ezibaziweyo Ziqhathaniswa Nomkhumbi KaNowa
1Lapho elungisela uhambo olwandle olumagagasi alo angathi ayabila, ukhuleka okhunini lomuthi oluthambile kunalolo olwenze umkhumbi ozobe umthwele. 2Ngokuba kwakuyisifiso senzuzo esahlela ukwakhiwa kwalo mkhumbi, ukuhlakanipha kuyingcweti eyawakhayo, 3kodwa kungukubonelela kwakho, Baba, okuqondisa umkhondo wawo, ngokuba uwunikile indlela ekujuleni kolwandle, nendlela ephephile phakathi kwamagagasi.
4Ubonisa ukuthi unokusindisa noma kuyiphi ingozi, ukuze kuthi nalowo ongenabuciko akwazi ukungena olwandle ngomkhumbi. 5Kuyintando yakho ukuba imisebenzi yokuhlakanipha kwakho ibonakale; ngakho-ke abantu babeka impilo yabo ngisho nasokhunini oluncane, bantweze bedabula amadlambi olwandle baze bafike bephephile emhlabathini. 6Yilokhu okwenzeka ekuqaleni lapho isizwe esinamandla sishabalala emhlabeni, ithemba lomhlaba laphunyula layobhaca emkhunjini ngaphansi kweso lakho, ngokuqondiswa yisandla sakho, lashiya emhlabeni imbewu yokuqhuba isizukulwane esisha. 7Ngokuba sibusisiwe isiqu somuthi okuza ngaso ukulunga.
8Nokho siqalekisiwe isithombe esenziwe ngezandla, kanjalo nalowo osenzileyo ngenxa yokuba esenzile, nale nto ebhubhayo ngokuba ibizwe ngonkulunkulu. 9Ngokunjalo okunye okunengekayo kuNkulunkulu, yilabo abangakholwa nokungakholwa kwabo; 10ngokuba okwenziweyo kuyakujeziswa kanye nalowo okwenzileyo. 11Ngakho-ke uNkulunkulu uyakuhambela nezithombe zabangakholwayo, ngokuba nakuba kuyingxenye yokudalwe nguNkulunkulu, kuphenduke isinengiso, unoxhaka wemiphefumulo yesintu, nogibe lwezinyawo zabayiziwula.
Imvelaphi Yokukhonzwa Kwezithombe
12Ngokuba umqondo nje wokwakha isithombe, wawuyisiqalo sobufebe, nokusungulwa kwaso, kwaba ngukonakala kwempilo; 13ngokuba izithombe zazingekho kusuka ekuqaleni, futhi azinakuhlala ingunaphakade. 14Izithombe zangena emhlabeni, ngobuze bengqondo yesintu, ngakho-ke kuhleliwe ukushabalaliswa kwazo ngokushesha. 15Ngokuba uyise, egwinywe lusizi lokufa kwendodana yakhe engalindele, wenza umfanekiso womntwana wakhe, owayefe ngokuzuma okukhulu; waqala ukuwuhlonipha njengonkulunkulu okwabe kungumuntu ofileyo, wedlulisela ozalweni lwakhe inkonzo eyokwenziwa nokuthi bomukelwa kanjani abangena kuyo.
16Ngakho leli siko lobumnyama lakhula laqina ngokuqhubeka kwesikhathi, lagcinwa njengomthetho. Nxa kukhulume ubukhosi, izithombe ezibaziweyo zazikhulekelwa. 17Uma abantu bengabuhloniphi ubukhosi obuphakathi kwabo, ngenxa nje yokuba behlala buqama kunabo kuyinto abangayiphuphi ukuthi bungaqhamuka babubone, ngakho-ke babenza isithombe esibonakalayo senkosi ababeyihlonipha, ukuze kuthi ngogqozi lwabo badlisele enkosini abangayiboni, kube ngathi bayayibona. 18Kuthi ngobuciko bombazi kugqugquzeleke nalabo abangayazi inkosi ukuba baqinise ukukhonza kwabo. 19Ngokuba yena, ethanda ukuthokozisa umbusi wenza ngobuciko bakhe ukuba umfuziselo wenkosi uveze ubuhle obukhulu; 20kwase kuthi izinkumbi, zidonswa ngubuhle bomsebenzi wakhe, zaqala ukukhulekela lo mfanekiso zawukhonza, wona lo ababewuhloniphe njengomuntu.
21Lokhu kwaba yisihibe esifihlakele esintwini, ngokuba abantu, begqilazwe ngamashwa, noma ubukhosi, banikeza izithombe zamatshe nezokhuni igama elingafanele lihlanganyelwe namuntu.
Umphumela Wokukhonza Izithombe
22Ngokungathi kwakunganele ukona kwabo ngolwazi lukaNkulunkulu, kodwa noma babephila ngezimpi ngenxa yokungazi kwabo, babubiza lobo bubi ngokuthula. 23Ngokuba noma babebulala izingane zabo enkonzweni yokungeniswa kwabo, begubha imikhosi efihlakele yezimfihlakalo, beba nemigubho exakile ihambisana namasiko axakile, 24babengasayihloniphi impilo yabo futhi bagcine imishado yabo imsulwa, kodwa kunalokho babebulalana ngokucashile, badabukisane ngokuthi omunye alale nomfazi womunye; 25kukho konke lokhu okuyingxoviya nokubulalana, ukweba nokonakala, ukubola nokungabi nalukholo, ingozi nokuqamba amanga, 26ukudideka ngalokho okuhle, nokukhohlwa yilokho iNkosi ebenzele khona, ukungcoliseka kwemiphefumulo, ukuheluka kwesinene, ingxoviya emishadweni, ubufebe, nokuphuza nokuphinga okuxakile.
27Ngokuba nxa ukukhonzwa kwezithombe kungenakugagulwa, lokho kuyisiqalo nesiphetho sabo bonke ububi. 28Ngokuba abazikhonzayo bagcwala amadlingozi ekudumiseni kwabo, baphrofethe amanga, baphile ngokungalungi bajwayele ukuqamba amanga, 29ngokuba bethembela ezithombeni ezingenampilo, bafunga izifungo ezigcwele ububi, balindele ukungajeziswa ngalokho. 30Nokho ngeziphambeko ezimbili ubulungisa buyakubafica: ngokuba abacabanganga kahle ngoNkulunkulu lapho bezinikela ezithombeni, futhi ngokuba begcwele ububi bafunga ngokungeyikho nangokwedelela ubungcwele bukaNkulunkulu. 31Ngokuba lapho ababi bona, bayakuthungathwa hhayi ngamandla alokho abantu abakufungayo, kodwa yisijeziso esifaneleyo kulabo abonayo.