Inhlakanipho kaSolomoni 17
Uvalo Lwehlela AbaseGibhithe Ebusuku
1Zinkulu izahlulelo zakho Simakade futhi kulukhuni nokuzichaza; ngakho-ke imiphefumulo engafundisiwe idukile. 2Ngokuba lapho abantu abangenamthetho becabanga ukuthi isizwe esingcwele sisemandleni abo, bona uqobo balele basebumnyameni njengabathunjiweyo futhi bayiziboshwa zobusuku obunzulu, bavalelwe phansi kophahla lwabo, balahliwe emseni waphakade. 3Ngokuba bacabanga ukuthi izono zabo ezifihlakele azibonwa, zicashe ngemuva kwefu elimnyama lokukhohlwa, bayakuhlakazwa, besathuke kakhulu, bashaqeke baze bahambe sebethuswa nayizithunzi. 4Ngisho ingaphakathi lamagumbi abebevalelwe kuwo lalingebavikele ekwesabeni, kodwa imisindo eyesabisayo yakhala nxazonke futhi kwavela nezithunzi ezibuso bazo bubukeka kabi. 5Futhi kwakungekho mandla omlilo ayengakwazi ukuletha ukukhanya, kanjalo nokubengezela kwezinkanyezi akuvelanga ukukhanyisa ubumnyama obesabisayo.
6Kwakungekho lutho olubakhanyiselayo ngaphandle komlidlwana owawubaswe yibo, babegcwele ukuwesaba ngendlela yokuthi bazithatha nezinto abazibonayo ngokungathi zimbi ukwedlula lezo ezingabonwayo. 7Imilingo yabo yenkohliso yathotshiswa, nenhlakanipho ababeqhosha ngayo yahlaziswa. 8Nalabo ababethembise ukuqeda uvalo nokuxoveka komphefumulo ogulayo, babegula ngenxa yokwesaba okumangalisayo. 9Ngokuba nakuba kwakungekho okwesabisayo nokubathusileyo, nokho, bethuswa ngukwedlula kwezilwane zasendle kanye nokuswesweza kwezinyoka. Ukubhubha kwabafumana bengqengqezela uvalo, benqaba futhi ngisho nokubuka umoya wodwa lo, noma lokhu kwakungegwemeke. 10Ngokuba ububi buyinto engubugwala obumangalisayo, obulahlwa ngisho nangubufakazi babo imbala; bugcwalisa isisindo kunembeza, buhlala bunehaba ngobunzima obubhekene nabo.
11Uvalo alulutho ngaphandle kokulaxaza usizo oluvela ekucabangeni; 12nethemba eligajwa yitwetwe elingaphakathi, lincama ukuhlala lingazi ukuthi yini elidalela lobu buhlungu. 13Kepha ubusuku bonke, bona uqobo obungenamandla futhi obubafikele buvela ezinzulwini zehayidesi elingenamandla, bonke balala ubuthongo obufanayo, 14manje sebexoshwa zithunzi ezesabisayo, sebefana nezinkubela ngenxa yokuphela amandla komphefumulo; ngokuba ukwesaba novalo olukhulu kwabakhungatha. 15Nobani owayelapho wawa phansi, ngaleyo ndlela bahlala bevalelwe esitokisini esingakhiwanga ngansimbi; 16nakuba babengabalimi noma abelusi, noma izisebenzi ezisebenza ehlane, babanjwa, nabo behlelwa ngokwehlele abanye; bonke baboshwa ngaketango linye lobumnyama. 17Nakuba kuqhamuka umoya oshwezayo, izwi elimtoti lezinyoni emagatsheni abanzi emithi, nomdumo wamanzi amaningi, ukuqhuma kwamatshe edilika ezintabeni, 18nokugxumagxuma kwezilwane zitshekula ekusithekeni, ukubhonga kwezilwane ezesabisayo, nomsindo onkeneza ezintabeni, konke lokhu kwabakhehleza amadolo, bagcwala uvalo.
19Ngokuba nakuba umhlaba wonke wakhanyiswa ngukukhanya okubengezelayo, waqhubeka nomsebenzi wawo ungaphazanyisiwe, 20laba bantu babegutshuzelwe ngobumnyama obusindayo, obungumfanekiso wobumnyama obabulindele ukubamukela; kodwa okwakusinda kakhulu kunobumnyama kwakuyibo uqobo lwabo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.