Inhlakanipho kaSolomoni 3
1Kepha imiphefumulo yabalungileyo isesandleni sikaNkulunkulu, kabasoze bathintwa nangobunjani ubuhlungu. 2Emehlweni eziwula babonakala sengathi bafa, nokuhamba kwabo kwabonakala njengeshwa elikhulu, 3nokususwa kwabo kithi kwakungathi incithakalo kodwa basekuthuleni. 4Nakuba emehlweni abanye kwabonakala sengathi bayajeziswa, ithemba labo ligcwele ukungafi. 5Bejezisiwe kancane, bayakwemukeliswa ubuhle obukhulu, ngokuba uNkulunkulu ubavivinyile wabafumana bemfanele yena; 6wabavivinya njengegolide esithandweni somlilo, wabamukela njengomnikelo wokushiswa.
7Ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakukhanya, bayakuhlakazeka njengezinhlansi emahlangeni. 8Bayakuphatha izizwe, babuse abantu, iNkosi iyakubusa phezu kwabo phakade. 9Labo abethembela kuyo bayakuliqonda iqiniso, abakholekayo bayakuhlala naye othandweni, ngokuba ubabalo nesihawu kuphezu kwabangcwele, futhi uyabalinda abakhethiweyo bakhe.
Isiphetho Sababi
10Kepha abangalungile bayakujeziswa njengokufanelene nokucabanga kwabo, labo ababebashaya indiva abalungileyo, bephambana neNkosi; 11bebukela phansi ukuhlakanipha nokufundisa kabanayo intokozo. Ithemba labo liyize, nomsebenzi wabo awunanzuzo, nomsebenzi wabo uyize leze. 12Abafazi babo bayiziwula, nezingane zabo zigcwele ububi, inzalo yabo iqalekisiwe.
Ukubaluleka Kobuqotho
13Ngokuba ubusisiwe owesifazane oyinyumba ongangcoliswanga, ongabanga nobudlelwano obuyisono, uyakuba nesithelo lapho uNkulunkulu ehlola umphefumulo wakhe. 14Kanjalo ubusisiwe nomthenwa ozandla zakhe engazelulelanga kokubi, futhi ongazange acebe izinto ezimbi ngoNkulunkulu. Ngokuba uyakukhonjiswa umusa omkhulu ngenxa yokwethembeka kwakhe, athole nendawo yokuthokoza okukhulu ethempelini likaSimakade. 15Ngokuba umvuzo womsebenzi omuhle ludumo, nempande yokuqonda ayehluleki.
16Kepha abantwana bokuphingwa kabasoze bakhule bavuthwe, kanjalo nabantwana abazalwe ebudlelwaneni obungekho emthethweni bayobhubha. 17Noma bephila, bayakushaywa indiva, nasebudaleni babo abayikuba nakuhlonishwa. 18Uma befa bebancane, abayikuba nathemba, kabayikuba nanduduzo ngosuku lokwahlulelwa. 19Ngokuba isiphetho sesizukulwane esingalungile sibi.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.