UDavide uyinkosi kwaIsrayeli wonke; uthatha iJerusalema
1Wonke uIsrayeli wabuthana kuDavide eHebroni, wathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa uIsrayeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: Wena uyakwalusa abantu bami uIsrayeli, wena uyakuba-ngumbusi wabantu bami uIsrayeli.
3Kwase kufika onke amalunga akwaIsrayeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe-yinkosi kwaIsrayeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
4UDavide naye wonke uIsrayeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhé kulelozwe ayeselapho.
5Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: Awuyikungena lapha. UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
6UDavide wathi: Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba-yinhloko nenduna. Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba-yinhloko.
7UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
8Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.
9UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova-Sebawoti wayenaye.
Amaqhawe kaDavide
10Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke uIsrayeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngoIsrayeli.
11Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.
12Emva kwakhe nguEleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.
13WayenoDavide ePhasi-Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali*; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
14Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.
15Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni waseAdulamu; impi yamaFilisti yayimisé esiGodini samaRefa.
16UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
17UDavide wanxanela, wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.
18Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:
19UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalababantu ababesengozini na? Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezozinto zenziwa yilawamaqhawe amathathu.
20UAbishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba-negama phakathi kwalaba abathathu.
21Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba-yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.
22NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenzé imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.
23Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
24Lezozinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba-negama phakathi kwalawomaqhawe amathathu.
25Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
26Amaqhawe anamandla nanka: uAsaheli umfowabo kaJowabe, noElihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
27noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni,
28noIra indodana kaIkheshi waseThekhowa, noAbiyezeri waseAnathoti,
29noSibekayi umHushati, noIlayi umAhohi,
30noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa,
31noIthayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni,
32noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, noAbiyeli waseAraba,
33noAzimaveti waseBaharumi, noEliyaba waseShahaliboni,
34namadodana kaHashemi waseGizoni, noJonathani indodana kaShage waseHarari,
35noAhiyamu indodana kaSakari waseHarari, noElifali indodana kaUri,
36noHeferi waseMekeri, noAhiya wasePheloni,
37noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana kaEzibayi,
38noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri,
39noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, udibi lukaJowabe indodana kaSeruya,
40noIra waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
41noUriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi,
42noAdina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yakwaRubeni, enabangamashumi amathathu,
43noHanani indodana kaMahakha, noJehoshafati umMiteni,
44noUziya waseAshitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu waseAroweri,
45noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi,
46noEliyeli umMahavi, noJeribayi noJoshaviya amadodana kaElinahama, noItima wakwaMowabi,
47noEliyeli, no-Obede, noJahasiyeli umMesoba.