Ukuyiswa komphongolo kaJehova eJerusalema
1Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
2Khona uDavide wathi: Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa-muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwé nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube-phakade.
3UDavide wabuthela wonke uIsrayeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.
4UDavide wabutha amadodana ka-Aroni namaLevi;
5kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili;
6kumadodana kaMerari: nguAsaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili;
7kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu;
8kumadodana kaElisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili;
9kumadodana kaHebroni: nguEliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisishiyagalombili;
10kumadodana kaUziyeli: nguAminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.
11UDavide wabiza oSadoki noAbiyathara abapristi, namaLevi oUriyeli, noAsaya, noJoweli, noShemaya, noEliyeli, noAminadaba, wathi kubo:
12Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli endaweni engiyilungisele wona.
13Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.
14Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
15Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.
16UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu*, namasimbali*, bakubethe, baphakamise, izwi labo ngokuthokoza.
17AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo uAsafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, uEthani indodana kaKushaya,
18bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noUni, noEliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, noElifelehu, noMikineya, no-Obede-Edomi, noJehiyeli, abalindisango,
19nabahlabeleli oHemani noAsafa noEthani ukuba bakhalise amasimbali* ethusi,
20noZakariya, noAziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noUni, noEliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe-nezingubhu ezilungiselwe iAlamoti*,
21noMatithiya, noElifelehu, noMikineya, no-Obede-Edomi, noJehiyeli, noAzaziya ukuba babe-namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole.
22UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe umsebenzi wokuthwala; wayefundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi.
23OBerekiya noElkana babengabalindisango bomphongolo.
24OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, noAmasayi, noZakariya, noBenaya, noEliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede-Edomi noJehiya babengabalindisango bomphongolo.
25UDavide namalunga akwaIsrayeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini kaObede-Edomi ngokuthokoza;
26kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa.
27UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.
28Wonke uIsrayeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali*, ebetha izingubhu namahabhu*.
29Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.