IZIKRONIKE I 20
Ukuvinjezelwa kweRaba. Ukulwa namaFilisti
1Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.
2UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.
3Wakhipha nabantu ababephakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
4Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi umHushati wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.
5Kwabuye kwaba-khona impi namaFilisti; uElihanani indodana kaJayire wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
6Kwabuye kwaba-khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.
7Wameyisa uIsrayeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.
8Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.