Umumo nomsebenzi wamaLevi
1UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe-yinkosi kwaIsrayeli.
2Wabutha zonke izikhulu zakwaIsrayeli kanye nabapristi namaLevi.
3AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.
4Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli;
5izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.
6UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.
7KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi.
8Amadodana kaLadani: nguJehiyeli inhloko, noZethamu, noJoweli, bebathathu.
9Amadodana kaShimeyi: ngoShelomoti, noHaziyeli, noHarana, bebathathu. Labo babeyizinhloko zawoyise bakaLadani.
10Amadodana kaShimeyi: ngoJahati, noZina, noJewushe, noBeriya. Labo bobane babengamadodana kaShimeyi.
11UJahati wayeyinhloko, noZiza ngowesibili; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba-yindlu inye kayise, bebalwa kanyekanye.
12Amadodana kaKohati: ngoAmramu, noJisihari, noHebroni, noUziyeli, bebane.
13Amadodana ka-Amramu: ngoAroni noMose; uAroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube-phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube-phakade.
14Kepha uMose, lowomuntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi.
15Amadodana kaMose: ngoGereshomu noEliyezeri.
16Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko.
17Amadodana kaEliyezeri: nguRehabiya inhloko. UEliyezeri wayengenawo amanye amadodana; kepha amadodana kaRehabiya ayemaningi kakhulu.
18Amadodana kaJisihari: nguShelomiti inhloko.
19Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, noAmariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
20Amadodana kaUziyeli: nguMika inhloko noJishiya owesibili.
21Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngoEleyazare noKishi.
22UEleyazare wafa engenamadodana, enamadodakazi odwa; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha.
23Amadodana kaMushi: ngoMaheli, noEdere, noJeremoti, bebathathu.
24Yilabo ababengamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
25Ngokuba uDavide wathi: UJehova uNkulunkulu kaIsrayeli uniké abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube-phakade;
26namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.
27Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
28Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,
29eyezinkwa zokubukwa, neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu, neyemiqathane engenamvubelo, neyokuphekwé ekhanzini, neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;
30nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa;
31nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;
32bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.