Izigaba zabalindisango nabaphathi bengcebo yethempeli, nezinduna, nabahluleli
1Izigaba zabalindisango zaziyilezi: kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.
2UMeshelemiya wayenamadodana: nguZakariya izibulo, noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine,
3noElamu owesihlanu, noJehohanani owesithupha, noEliyohenayi owesikhombisa.
4UObede-Edomi wayenamadodana: nguShemaya izibulo, noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari owesine, noNethaneli owesihlanu,
5noAmiyeli owesithupha, noIsakare owesikhombisa, noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa.
6Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.
7Amadodana kaShemaya: ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, noElizabadi, nabafowabo ababengamadoda anamandla, oElihu noSemakiya.
8Bonke labo babengamadodana kaObede-Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili kaObede-Edomi.
9UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.
10Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko — noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba-yinhloko —
11noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babeyishumi nantathu.
12Lezozigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba-nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.
13Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.
14Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.
15Eyaseningizimu yadla uObede-Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,
16eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.
17Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha, ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku, nasenqolobaneni emabili ngamabili.
18EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni, naseParibari uqobo ayemabili.
19Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.
20KumaLevi uAhiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
21Amadodana kaLadani, amadodana kaGereshoni akwaLadani, izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,
22amadodana amaJehiyeli, oZethamu noJoweli umfowabo, ayephethe ingcebo endlini kaJehova.
23Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakumaUziyeli,
24uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama.
25Abafowabo: kuEliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe, noJeshaya indodana yakhe, noJoramu indodana yakhe, noZikiri indodana yakhe, noShelomoti indodana yakhe.
26Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.
27Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,
28kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, noAbineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba-phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
29KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwaIsrayeli, beyizinduna nabahluleli.
30KumaHebroni uHashabiya nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babengababonisi kwaIsrayeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
31KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
32Abafowabo, amaqhawe anamandla, babeyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.