Isizwe sakwaIsakare, nesakwaBenjamini, nesakwaNafetali, nesakwaManase, nesakwaEfrayimi, nesakwa-Asheri
1Amadodana kaIsakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.
2Amadodana kaThola: ngoUzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, noIbisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.
3Amadodana kaUzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.
4Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babenabafazi abaningi namadodana amaningi.
5Abafowabo kuyo yonke imindeni kaIsakare, amaqhawe anamandla, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwé bonke ngezizukulwane zabo.
6Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu.
7Amadodana kaBela: ngoEsiboni, noUzi, noUziyeli, noJerimoti, noIri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwé ngezizukulwane zabo.
8Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, noEliyezeri, noEliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, noAbiya, noAnathoti, noAlemeti. Bonke labo babengamadodana kaBekeri.
9Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.
10Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, noEhudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, noAhishahari.
11Bonke labo babengamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.
12OShuphimi noHuphimi babengamadodana kaIri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.
13Amadodana kaNafetali: ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.
14Amadodana kaManase: nguAsiriyeli owamzalelayo umkakhe; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.
15UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi.
16UMahakha umkaMakiri wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi; amadodana akhe ayengoUlamu noRakemi.
17Amadodana kaUlamu: nguBedani. Labo babengamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.
18Udadewabo uHamoleketi wazala oIshihodi, noAbiyezeri, noMahela.
19Amadodana kaShemida ayengoAhiyani, noShekemi, noLikihi, noAniyamu.
20Amadodana kaEfrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, noEleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,
21noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, noEzeri noEleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelozwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.
22UEfrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.
23Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya*, ngokuba indlu yakhe yayisengozini.
24Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti-Horoni laseNzansi nelaseNhla, neUzeni-Sheyera.
25URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,
26noLadani indodana yakhe, noAmihudi indodana yakhe, noElishama indodana yakhe,
27noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.
28Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo, nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba-seAya nemizana yalo;
29nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti-Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana kaIsrayeli.
30Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, noIshiva, noIshivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.
31Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.
32UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.
33Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, noAshivati. Labo babengabantwana bakaJafeleti.
34Amadodana kaShemeri: ngoAhi, noRohiga, noJehuba, noAramu.
35Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, noAmali.
36Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, noImra,
37noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.
38Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, noAra.
39Amadodana kaUla: ngoAra, noHaniyeli, noRisiya.
40Bonke labo babengabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwé ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.