Abakhileyo eJerusalema; inkonzo yasethempelini
1Wabhalwa-ke wonke uIsrayeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwaIsrayeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe.
2Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babenguIsrayeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini*.
3EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwaEfrayimi noManase:
4ngu-Uthayi ka-Amihudi kaOmri kaImri kaBani kubantwana bakwaPheresi kaJuda.
5KumaShiloni: nguAsaya izibulo namadodana akhe.
6Kumadodana kaZera: nguJehuweli nabafowabo, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye.
7Kumadodana kaBenjamini: nguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa,
8noIbineya indodana kaJerohamu, noEla kaUzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya,
9nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labobantu babeyizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.
10Kubapristi: ngoJedaya, noJehoyaribi, noJakini,
11noAzariya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu,
12noAdaya kaJerohamu kaPhashuri kaMalikhiya noMahasayi ka-Adiyeli kaJahizera kaMeshulamu kaMeshilemiti kaImeri,
13nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.
14KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kumadodana kaMerari,
15noBakibakari, noHereshi, noGalali, noMathaniya kaMika kaZikiri ka-Asafa,
16no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa kaElkana owahlala emizaneni yamaNethofa,
17nabalindisango oShalumi, noAkubi, noThalimoni, noAhimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko.
18Kwaze kwaba-kulesosikhathi babesesangweni lenkosi ngasempumalanga; babengabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi.
19UShalumi kaKore kaEbiyasafa kaKora, nabafowabo bendlu kayise, amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindisango etabernakele*; oyise babemele ikamu* likaJehova bengabalindisango.
20UFinehasi indodana kaEleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
21UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.
22Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe-ngabalindisango babengamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.
23Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda.
24Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu.
25Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe-nabo,
26ngokuba abalindi abane abakhulu ababengamaLevi babesesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.
27Bahlala ebusuku bezungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba kwakungokwabo ukuyilinda, kwakungokwabo futhi ukuyivula ekuseni imihla ngemihla.
28Abanye babephethe izitsha zenkonzo, ngokuba zangeniswa ngokubalwa, zakhishwa ngokubalwa.
29Abanye kubo babemiselwe impahla, nezitsha zonke zendlu engcwele, nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.
30Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba-ngamafutha.
31UMatithiya omunye, wamaLevi owayeyizibulo likaShalumi umKorahi wayenesikhundla sokubheka izinto ezenziwa emakhanzini.
32Abanye babafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.
33Kepha abanye, abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi, babesemakamelweni bekhululekile kokunye, ngokuba babesemsebenzini wabo imini nobusuku.
34Labo babeyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
35EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni uJehiyeli ogama lomkakhe lalinguMahakha,
36nendodana yakhe eyizibulo uAbidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi,
37noGedori, noAhiyo, noZakariya, noMikiloti.
38UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
39UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki-Shuwa, noAbinadaba, noEshi-Bali.
40Indodana kaJonathani yayinguMeribi-Bali; uMeribi-Bali wazala uMika.
41Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, noAhazi.
42UAhazi wazala uJara; uJara wazala oAlemeti, noAzimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;
43uMosa wazala uBineya; uRefaya wayeyindodana yakhe; nguEleyasa indodana yakhe, nguAseli indodana yakhe;
44uAseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: oAzirikamu, noBokeru, noIshmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babengamadodana ka-Aseli.