Ubufebe babaseKorinte. Ukuphathwa kwezoni
1Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
2Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenzé lesosenzo.
3Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowomuntu owenzé okunjalo ukuba
4egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
6Akukhuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
7Khiphani imvubelo endala ukuze nibe-yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
8Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi-ngemvubelo endala, kungabi-ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube-ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
9Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
10angisho izifebe zalomhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
11kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
12Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?
13Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.