UEliya uthuma uObadiya kuAhabi
1Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika kuEliya ngomnyaka wesithathu, lathi: Hamba uzibonakalise kuAhabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.
2Wayesehamba uEliya ukuzibonakalisa kuAhabi. Indlala yayinamandla eSamariya.
3UAhabi wabiza uObadiya owayephezu kwendlu yakhe. UObadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,
4ngokuba kwathi lapho uIzebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, uObadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.
5UAhabi wathi kuObadiya: Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahashi neminyuzi*, izilwane zingabhubhi.
6Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule: uAhabi wahamba ngenye indlela eyedwa, uObadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa.
7UObadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye uEliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: Wena uyinkosi yami uEliya na?
8Wathi kuye: Yimi; hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu uEliya.
9Wayesethi kuye: Ngoneni ukuba unikele inceku yakho esandleni sika-Ahabi ukungibulala na?
10Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, akukho-sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna, nanxa bethi akakho lapha, yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga.
11Manje usuthi wena: Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu uEliya.
12Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele uAhabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina-nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.
13Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho uIzebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?
14Usuthi manje: Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu uEliya, beseyingibulala.
15Kepha uEliya wathi: Kuphila kukaJehova-Sebawoti engimi phambi kwakhe namuhla, ngizakuzibonakalisa kuye.
16UObadiya wayesehamba ukumhlangabeza uAhabi, wamtshela lokho; wayesehamba uAhabi ukumhlangabeza uEliya.
17Kwathi uAhabi esembonile uEliya, uAhabi wathi kuye: Nguwe ongumhluphi wakwaIsrayeli na?
18Kodwa wathi: Mina angimhluphanga uIsrayeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.
19Ngalokho thumela ubuthe kimi uIsrayeli wonke entabeni yaseKarmeli, nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu, nabaprofethi baka-Ashera* abangamakhulu amane abadla etafuleni likaIzebeli.
UEliya nabaprofethi bakaBali eKarmeli
20UAhabi wayesethumela kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli, wabutha abaprofethi entabeni yaseKarmeli.
21UEliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: Koze kube-nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena. Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.
22Wayesethi uEliya kubantu: Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu.
23Mabasinike izinkunzi ezimbili, bazikhethele inkunzi ibenye, bayihlahlele, bayibeke phezu kwezinkuni, bangafaki umlilo; mina ngiyakuyilungisa enye inkunzi, ngiyibeke phezu kwezinkuni, ngingafaki umlilo.
24Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova; besekuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe-nguye onguNkulunkulu. Bonke abantu bathi: Lihle lelizwi.
25UEliya wayesethi kubaprofethi bakaBali: Zikhetheleni inkunzi, niyilungise kuqala, ngokuba nibaningi, nibize igama likankulunkulu wenu, ningafaki umlilo nokho.
26Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba-semini ngokuthi: Bali, siphenduleni; kepha akubangakho-zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngasealtare ebelenziwe.
27Kwathi ngasemini uEliya wadlala ngabo, wathi: Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.
28Base bememeza ngezwi elikhulu, bazisika ngawomese nangemikhonto ngomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.
29Kwathi lapho isidlulile imini, baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho-zwi, nophendulayo, nonakekelayo.
30UEliya wayesethi kubantu bonke: Sondelani kimi; bonke abantu basondela kuye. Wayeselungisa ialtare likaJehova elalidiliziwe.
31UEliya wathatha amatshe ayishumi nambili njengomumo wezizwe zamadodana kaJakobe okweza kuye izwi likaJehova, lathi: Igama lakho lizakuba-nguIsrayeli.
32Wakha ialtare ngamatshe egameni likaJehova, wenza umsele ngasealtare nxazonke olingene namaseya* amabili embewu.
33Wahlela izinkuni, wayihlahlela inkunzi, wayibeka phezu kwezinkuni.
34Wathi: Gcwalisani izimbiza ezine ngamanzi, niwathele emnikelweni wokushiswa naphezu kwezinkuni. Wathi: Kwenzeni ngokwesibili. Wayesethi: Kwenzeni nangokwesithathu; baphinda ngokwesithathu.
35Amanzi agobhoza ngasealtare nxazonke; wagcwalisa nomsele ngamanzi.
36Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu uEliya umprofethi wasondela, wathi: Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama nokaIsaka nokaIsrayeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulunkulu kwaIsrayeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.
37Ngiphendule, Jehova, ngiphendule ukuba lababantu bazi ukuthi wena-Jehova unguNkulunkulu nokuthi uphendukisela kuwe izinhliziyo.
38Wawusuwehla umlilo kaJehova, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, wakhotha amanzi asemseleni.
39Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo, bathi: UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu.
40UEliya wathi kubo: Bambani abaprofethi bakaBali, kungabaleki noyedwa kubo. Bababamba, uEliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulala khona.
41Wayesethi uEliya kuAhabi: Khuphuka, udle, uphuze, ngokuba kukhona umdumo wemvula enkulu.
42Wayesekhuphuka uAhabi ukuba adle, aphuze. UEliya wakhuphukela esiqongweni saseKarmeli, wakhothamela phansi, wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.
43Wathi encekwini yakhe: Khuphuka, ubheke ngaselwandle. Yakhuphuka, yabheka, yathi: Akukho-lutho. Wayesethi: Phinda kasikhombisa.
44Kwathi ngokwesikhombisa yathi: Bheka, kukhuphuka ifu elwandle, lingangesandla somuntu. Wayesethi: Khuphuka, umtshele uAhabi ukuthi: Bophela, wehle, funa uvinjelwe yimvula.
45Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala ngamafu nangomoya, lana imvula enkulu. UAhabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.
46Isandla sikaJehova sasikuEliya; wabopha ukhalo lwakhe, wagijima phambi kuka-Ahabi, waze wafika ekungeneni kwaseJizreyeli.