Izinduna nezinceku zikaSolomoni
1Inkosi uSolomoni yabusa uIsrayeli wonke.
2Yilezi izikhulu eyayinazo: uAzariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
3oElihorefi noAhiya amadodana kaShisha babengababhali, noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
4uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi; oSadoki noAbiyathara babengabapristi;
5uAzariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna; uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
6uAhishari wayephezu kwabendlu; uAdoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.
7USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwaIsrayeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.
8Nanka amagama azo: oBeni-Huri ezintabeni zakwaEfrayimi,
9noBeni-Dekeri eMakhasi, naseShahalabimi, naseBeti-Shemeshi, nase-Eloni-Beti-Hanani,
10noBeni-Hesedi eAruboti, okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
11noBeni-Abinadaba kulo lonke iNafati-Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
12uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti-Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti-Sheyani kuze kube-seAbela-Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
13noBeni-Geberi eRamoti-Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi, nezwe laseArigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
14noAhinadaba indodana kaIdo eMahanayimi,
15noAhimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe-ngumkakhe,
16noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri naseAloti,
17noJehoshafati indodana kaPharuwa kwaIsakare,
18noShimeyi indodana kaEla kwaBenjamini,
19noGeberi indodana kaUri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelozwe.
20OJuda noIsrayeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.
21USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube-sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
22Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu,
23nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo.
24Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kubeseGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.
25OJuda noIsrayeli bahlala belondekile, kwaba-yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube-seBeri-Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
26USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahashi ezinqola zakhe nabamahashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.
27Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba-yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki-lutho.
28Nebhali*, nefoliji* lamahashi, namahashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba-yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.
Ukuhlakanipha kukaSolomoni
29UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.
30Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.
31Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kunoEthani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.
32Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu.
33Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kubekulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.
34Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.