UDavide ubulala umFilisti uGoliyati
1AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko neAzeka eEfesi-Damimi.
2USawule nabantu bakwaIsrayeli babuthana, bamisa esigodini sase-Ela, bahlela impi ukuhlangabezana namaFilisti.
3AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, uIsrayeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo.
4Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.
5Wayenesigqoko sethusi ekhanda, egqoké ibhantshi lensimbi; isisindo sebhantshi sasingamashekeli* ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi.
6Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.
7Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli* angamakhulu ayisithupha ensimbi; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.
8Wema, wamemeza ezinhleni zakwaIsrayeli, wathi kuzo: Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi.
9Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba-yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba-yizigqila zethu, nisikhonze.
10UmFilisti wathi: Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwaIsrayeli; nginikeni umuntu, silwe naye.
11Lapho uSawule naye wonke uIsrayeli bezwa lawomazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.
12UDavide wayeyindodana yalowomEfrati waseBetlehema-Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowomuntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.
13Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayenguEliyabe izibulo, emelamayo nguAbinadaba, neyesithathu nguShama.
14UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule.
15UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.
16UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane.
17UJese wathi kuDavide indodana yakhe: Ake uthathele abafowenu iefa* lalolutshwele nalezizinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu,
18uphathele induna yenkulungwane lawamakhekheba kashizi*, ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.
19USawule nabo bonke abantu bakwaIsrayeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.
20UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyalé ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.
21UIsrayeli namaFilisti bahlela impi, babhekana.
22UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo.
23Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawomazwi; uDavide wawezwa.
24Bonke abantu bakwaIsrayeli sebebonile lomuntu bambalekela, besaba kakhulu.
25Abantu bakwaIsrayeli bathi: Nimbonile lowomuntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa uIsrayeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe-ngekhululekile kwaIsrayeli.
26UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: Kuyakwenziwa-ntoni kumuntu obulala lowomFilisti, asuse ihlazo kwaIsrayeli, na? Ngokuba ngubani lowomFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?
27Abantu bamphendula ngalona lelozwi; bathi-ke: Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.
28UEliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo kaEliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiyé kubani leziyazimvu ezingengakanani ehlane na? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.
29Kepha uDavide wathi: Ngenzeni na? Bekungumbuzo nje.
30Wamfulathela, wabheka komunye, wakhuluma lona lelozwi; abantu bamphendula njengakuqala.
31Esezwakele amazwi abewakhulumile uDavide alandwa phambi kukaSawule; wambiza.
32UDavide wayesethi kuSawule: Makungaqedwa-nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowomFilisti.
33USawule wathi kuDavide: Awunamandla okuya kulowomFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.
34UDavide wathi kuSawule: Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise; lapho kwafika ingonyama nebhere* kwathatha imvu emhlambini,
35ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala.
36Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere*, nalowomFilisti ongasokile uyakuba-njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.
37UDavide wathi: UJehova owangophula eziphweni lengonyama naseziphweni lebhere* uyakungophula nasesandleni salowomFilisti. USawule wathi kuDavide: Hamba, uJehova uyakuba-nawe.
38USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi.
39UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: Anginakuhamba nalezi, angikazilingi. UDavide wayesezikhumula.
40Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.
41Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.
42UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle.
43UmFilisti wathi kuDavide: Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na? UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.
44UmFilisti wathi kuDavide: Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.
45UDavide wayesethi kumFilisti: Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wempi kaIsrayeli oyeyisile.
46Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwaIsrayeli,
47yazi yonke lenhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.
48Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti.
49UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso.
50UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekhonkemba esandleni sikaDavide.
51Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.
52Abantu bakwaIsrayeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba-seGayi nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba-seGati nase-Ekroni.
53Abantwana bakwaIsrayeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo.
54UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.
55Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi kuAbineri induna yempi: Abineri, yindodana kabani lomfana na? UAbineri wathi: Kuphila kwakho, nkosi, angazi.
56Yayisithi inkosi: Buza wena ukuthi iyindodana kabani lensizwa.
57UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti, uAbineri wamthatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.
58USawule wathi kuye: Uyindodana kabani wena-mfana na? UDavide waphendula wathi: Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.