UDavide ukumpristi uAhimeleki eNobi. Ubaleka aye kuAkhishi
1UDavide wayeseya eNobi kuAhimeleki umpristi; uAhimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: Yini ukuba uwedwa, kungekho-muntu nawe, na?
2UDavide wathi kuAhimeleki umpristi: Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: Makungazi-muntu ngaloludaba engikuthuma ngalo nengikuyalé ngalo; izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.
3Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.
4Umpristi wamphendula uDavide, wathi: Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.
5UDavide wamphendula umpristi, wathi: Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezizinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.
6Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho-sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela, ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.
7Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolosuku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwaEdomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.
8UDavide wathi kuAhimeleki: Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.
9Wayesethi umpristi: Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe; uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo. UDavide wathi: Ayikho enjengayo; nginike yona.
10Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolosuku ngokwesaba uSawule, waya kuAkhishi inkosi yaseGati.
11Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi:
USawule ubulele izinkulungwane zakhe,
kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na?
12UDavide wabeka lawomazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu uAkhishi inkosi yaseGati.
13Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.
14UAkhishi wayesethi ezincekwini zakhe: Bheka, uyabona ukuthi lomuntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?
15Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lomuntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?