Ukufa nokumbelwa kukaSamuweli. ONabali noAbigayili
1USamuweli wafa; wahlangana wonke uIsrayeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.
2Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowomuntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.
3Igama lalowomuntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalinguAbigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.
4UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.
5UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi; uDavide wathi kuzo izinsizwa: Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,
6nithi kumfowethu: Ukuthula makube-kuwe, ukuthula makube-kuyo indlu yakho, ukuthula makube-kukho konke onakho.
7Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babenathi, asibalimazanga, abalahlekelwa-lutho zonke izinsuku beseKarmeli.
8Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.
9Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawomazwi egameni likaDavide, besezilinda.
10UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.
11Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?
12Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawomazwi.
13UDavide wathi kubantu bakhe: Bhincani, kube-yilowo nalowo inkemba yakhe. Zabhinca-ke, kwaba-yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.
14Kodwa enye yezinsizwa yamtshela uAbigayili umkaNabali, yathi: Bheka, uDavide wathuma izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu, kepha yazithukuthelela.
15Nokho labobantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga-lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle;
16babelugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.
17Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.
18UAbigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.
19Wathi kuzo izinsizwa: Hambani phambi kwami; bhekani, ngiyanilandela. Kepha akayitshelanga indoda yakhe uNabali.
20Kwathi esakhwele imbongolo, esehla endaweni esithekileyo yentaba, bheka, kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe, wahlangana nabo.
21UDavide wayeshilo ukuthi: Impela ngikugcinele ize konke lowomuntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa-lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.
22UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.
23Lapho uAbigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.
24Wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Lobobubi mabube-phezu kwami, nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.
25Inkosi yami mayinganakekeli lowomuntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina-ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.
26Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe-njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.
27Manje-ke, lesisipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.
28Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.
29Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.
30Kuyakuthi lapho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ubengumbusi kwaIsrayeli,
31akuyikuba-yisikhubekiso kuwe, kungabi-nesanya enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithile igazi ngeze nokuthi inkosi yami izisindisile; kepha lapho uJehova eseyenzele inkosi yami okuhle, khumbula incekukazi yakho.
32UDavide wayesethi kuAbigayili: Makabusiswe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli okuthumé namuhla ukungihlangabeza.
33Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami.
34Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.
35UDavide wayesamukela esandleni sakhe lokho amlethele khona; wathi kuye: Khuphukela endlini yakho ngokuthula; bheka, ngililalele izwi lakho, ngibuvumile ubuso bakho.
36UAbigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuzé kakhulu; ngalokho akamtshelanga-lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba-sekuseni.
37Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali, umkakhe wamtshela lezozinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba-njengetshe.
38Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.
39UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma kuAbigayili ukuba amthathe abe-ngumkakhe.
40Izinceku zikaDavide sezifikile kuAbigayili eKarmeli, zakhuluma kuye, zathi: UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube-ngumkakhe.
41Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheké phansi, wathi: Bheka, incekukazi yakho mayibe-yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.
42UAbigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba-ngumkakhe.
43UDavide wathatha noAhinohama waseJizreyeli; baba-ngomkakhe bobabili.
44Kepha uSawule wayesemniké uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.