UDavide useGati naseSikilagi
1UDavide wathi enhliziyweni yakhe: Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwaIsrayeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.
2Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababenaye, waya kuAkhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati.
3UDavide wahlala noAkhishi eGati, yena nabantu bakhe, kwaba-yilowo nalowo nomuzi wakhe, uDavide enawomkakhe bobabili, oAhinohama waseJizreyeli noAbigayili waseKarmeli umkaNabali.
4Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi.
5UDavide wathi kuAkhishi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?
6UAkhishi wamnika iSikilagi ngalolosuku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube-namuhla.
7Umumo wezinsuku zokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti wawungumnyaka nezinyanga ezine.
8UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhé kulelozwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube-sezweni laseGibithe.
9UDavide walichitha izwe, akashiyanga-muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika kuAkhishi.
10UAkhishi wathi: Ningenelephi namuhla na? UDavide wathi: Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.
11UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: Funa basicebe ngokuthi: Wenze njalo uDavide, yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.
12UAkhishi wakholwa nguDavide, wathi: Wenzé ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwaIsrayeli; ngalokho uyakuba-yinceku yami kuze kube-nini.