UJehova uyazibonakalisa kuSamuweli
1Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kukaEli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezozinsuku; nombono wawuyivelakancane.
2Kwathi ngalesosikhathi uEli elele endaweni yakhe — amehlo akhe ayeqalé ukufiphala waze wangaba-nakho ukubona —
3isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,
4uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: Ngilapha.
5Wagijimela kuEli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. Wathi: Angikubizanga; buya ulale. Wahamba, walala.
6UJehova waphinda wambiza uSamuweli. USamuweli wavuka, waya kuEli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. Wathi: Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale.
7Kepha uSamuweli wayengakamazi uJehova, nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye.
8UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya kuEli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. UEli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana.
9UEli wathi kuSamuweli: Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza, usho ukuthi: Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa. Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe.
10UJehova wafika, wema, wambiza njengakwezinye izikhathi: Samuweli, Samuweli! USamuweli wathi: Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.
11UJehova wathi kuSamuweli: Bheka, ngiyakwenza into kwaIsrayeli eziyakunkeneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.
12Ngalolosuku ngiyakumehlisela uEli konke engikukhulumile ngendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube-sekugcineni.
13Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube-phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.
14Ngalokho ngifungile ngendlu kaEli ukuthi ububi bendlu kaEli abuyikuhlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube-phakade.
15USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukumtshela uEli umbono.
16UEli wayesembiza uSamuweli, wathi: Samuweli, ndodana yami! Wathi: Ngilapha.
17Wathi: Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.
18USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga-lutho. Wathi: NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.
19USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.
20Wonke uIsrayeli kusukela kwaDani kuze kube-seBeri-Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe-ngumprofethi kaJehova.
21UJehova waphinda wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.