Umphongolo useKiriyati-Jeharimi
1Abantu baseKiriyati-Jeharimi bafika, bakhuphula umphongolo kaJehova, bawungenisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bamngcwelisa uEleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
2Kwathi kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyati-Jeharimi, kwaba-yisikhathi eside, ngokuba sabayiminyaka engamashumi amabili; yonke indlu yakwaIsrayeli yakhalela uJehova.
3USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu kaIsrayeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe noAshitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.
4AbakwaIsrayeli base besusa oBali noAshitaroti, bamkhonza uJehova yedwa.
Ukukhiwa kwamanzi eMispa
5USamuweli wathi: Buthani wonke uIsrayeli eMispa; ngiyakunikhulekela kuJehova.
6Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolosuku, bathi khona: Sonile kuJehova. USamuweli wahlulela abantwana bakwaIsrayeli eMispa.
Ukwahlulwa kwamaFilisti
7AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwaIsrayeli babuthene eMispa, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa noIsrayeli. Abantwana bakwaIsrayeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.
8Abantwana bakwaIsrayeli bathi kuSamuweli: Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.
9USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe-ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela uIsrayeli kuJehova; uJehova wamphendula.
10USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa noIsrayeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolosuku, wawangquzula, abulawa phambi kukaIsrayeli.
11Abantu bakwaIsrayeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti-Kari.
12USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi iEbeni-Ezeri, ethi: Kuze kube-manje uJehova usisizile.
13Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni kaIsrayeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.
14Imizi amaFilisti ayeyithathile kuIsrayeli yabuyiselwa kuIsrayeli, kusukela e-Ekroni kuze kube-seGati; umkhawulo wayo uIsrayeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba-khona ukuthula phakathi kukaIsrayeli nama-Amori.
USamuweli ungumahluleli
15USamuweli wahlulela uIsrayeli zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
16Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela uIsrayeli kuzo zonke lezozindawo.
17Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela uIsrayeli khona, wamakhela lapho uJehova ialtare.