UJehoramu uyinkosi kwaJuda
1UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
2Wayenabafowabo, amadodana kaJehoshafati: ngoAzariya, noJehiyeli, noZakariya, noAzariyahu, noMikayeli, noShefathiya; bonke labo babengamadodana kaJehoshafati inkosi yakwaIsrayeli.
3Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kepha umbuso wawunika uJehoramu, ngokuba wayeyizibulo.
4UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwaIsrayeli.
5UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
6Wahamba ngendlela yamakhosi akwaIsrayeli njengokwenza kwendlu kaAhabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.
7Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
8Emihleni yakhe uEdomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi.
9Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwaEdomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.
10Wahlubuka-ke uEdomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube-namuhla; khona lahlubuka neLibina ngasona lesosikhathi phansi kwesandla sakhe, ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
11Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.
12Kwafika kuye incwadi iphuma kuEliya umprofethi, ithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda,
13kepha uhambé ngendlela yamakhosi akwaIsrayeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe,
14bheka, uJehova uyakushaya nokushaya okukhulu abantu bakho nabantwana bakho, nawomkakho, nayo yonke impahla yakho,
15wena wehlelwe yisifo esikhulu, isifo sezibilini, ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.
16UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabaseArabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu;
17bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalangandodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.
18Emva kwakho konke lokho uJehova wamshaya ezibilinini zakhe ngesifo esingenakwelashwa.
19Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ngesikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili, izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe, wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselangalutho njengokushiselwa kwawoyise.
20Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema, wamuka engakhalelwanga-muntu; bammbela emzini kaDavide, kepha kungesemathuneni amakhosi.