Indlu yethempeli
1USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sikaOrinani umJebusi.
2Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe.
3Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukuba kwakhiwe indlu kaNkulunkulu: ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili.
4Umpheme owawuphambi kwendlu ende malungana nobubanzi bendlu wawuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwakuyikhulu namashumi amabili; wawunameka phakathi ngegolide elicwengekileyo.
5Indlu enkulu wayembesa imisayipuresi*, wayinameka ngegolide elihle, waqopha kulo amasundu namaketanga.
6Wayihlobisa indlu ngamatshe ayigugu ukuze ivunuliswe; igolide laliyigolide laseParivayimi.
7Wanameka nendlu, nemishayo, nemibundu, nezindonga zayo, neminyango yayo ngegolide, waqopha amakherubi* ezindongeni.
8Wenza indlu engcwelengcwele; yayimalungana nobubanzi bendlu; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili; wayinameka ngegolide elihle, lingamatalenta* angamakhulu ayisithupha.
9Isisindo sezipikili sasingamashekeli* angamashumi ayisihlanu egolide. Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide.
10Endlini engcwelengcwele wenza amakherubi* amabili aqoshiweyo; bawanameka ngegolide.
11Amaphiko amakherubi ayeyizingalo ezingamashumi amabili; iphiko lelinye laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko nalo laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta ephikweni lelinye ikherubi.
12Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo, lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi.
13Amaphiko alawomakherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheké endlini.
14Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.
15Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili, ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.
16Wenza amaketanga egumbini, wawabeka ezihlokweni zezinsika; wenza amapomegranati* ayikhulu, wawabeka emaketangeni.
17Wazimisa izinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.