UAthaliya ubusa kwaJuda. Ukubusa kukaJowashi nokufa kuka-Athaliya
1UAthaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.
2Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.
3Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; uAthaliya wabusa ezweni.
4Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari* nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaJehova, wenza isivumelwano nazo, wazifungisa endlini kaJehova, wazibonisa indodana yenkosi.
5Waziyala wathi: Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha bayakuba-ngabalindi bendlu yenkosi,
6abesithathu babe-sesangweni laseSuri, abesithathu babe-sesangweni emva kwabalindi, niyilinde nokuyilinda indlu, nidedelane.
7Amaviyo enu amabili, bonke abaphuma ngesabatha, ayakulinda indlu kaJehova enkosini.
8Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe-nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena phakathi kwezinhla makabulawe; yibani-nenkosi ekuphumeni kwayo nasekungeneni kwayo.
9Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba-yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.
10Umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaJehova.
11Abalindi bema, kwaba-yilowo nalowo enezikhali zakhe esandleni sakhe, kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube-sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngasealtare nasendlini nxazonke zenkosi.
12Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: Mana njalo, nkosi.
13UAthaliya esezwa ukumemeza kwabalindi nokwabantu waya kubantu endlini kaJehova,
14wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo. UAthaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: Ngugobe! Ngugobe!
15UJehoyada umpristi wayala izinduna zamakhulu ezazibekwé phezu kwempi, wathi kuzo: Mkhipheni endlini, nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba; ngokuba umpristi wathi: Makangabulawa endlini kaJehova.
16Base bemdedela nxazombili, wahamba ngendlela yokungena kwamahashi endlini yenkosi; wabulawa khona.
17UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe-ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi.
18Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali, bayibhidliza; ama-altare akhe nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu, babulala uMathani umpristi kaBali phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi.
19Wayesethatha izinduna zamakhulu, namaKhari*, nabalindi, nabo bonke abantu bezwe; bayehlisa inkosi endlini kaJehova, baya endlini yenkosi ngendlela yesango labalindi. Yahlala esihlalweni sobukhosi.
20Bonke abantu bezwe bathokoza, umuzi wazola; bambulala uAthaliya ngenkemba endlini yenkosi.
21UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa.