UJehu uyinkosi kwaIsrayeli
1UElisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: Khwica, uphathe lomfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti-Gileyadi.
2Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi, ungene, umsukumise phakathi kwabafowabo, umyise ekamelweni elingaphakathi.
3Besewuthatha umfuma wamafutha, uwathele ekhanda lakhe, uthi: Usho kanje uJehova, uthi Ngikugcobile ubeyinkosi kwaIsrayeli. Besewuvula umnyango, ubaleke, ungalibali.
4Yayisihamba leyonsizwa, insizwa engumprofethi, yaya eRamoti-Gileyadi.
5Ekufikeni kwayo, bheka, izinduna zempi zazihlezi; yathi: Nginendaba kuwe-nduna. Wathi uJehu: Kubani phakathi kwethu sonke na? Yathi-ke: Kuwena-nduna.
6Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe, yathi kuye: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Ngikugcobile ube-yinkosi yabantu bakaJehova kwaIsrayeli.
7Uyakuchitha indlu ka-Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sikaIzebeli.
8Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma kuAhabi wonke umlisa, omncane nomkhulu.
9Ngiyakwenza indlu ka-Ahabi ibe-njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya.
10Izinja ziyakumudla uIzebeli esiqeshini sezwe laseJizreyeli; akuyikubakho-muntu wokummbela. Yayisivula umnyango, yabaleka.
11UJehu waphumela ezincekwini zenkosi yakhe; enye yathi kuye: Konke kusalungile na? Luzeleni lolohlanya kuwe na? Wathi kuzo: Nina niyamazi lowomuntu nakukhulumileyo.
12Kepha zathi: Amanga; ake usitshele. Wayesethi: Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: Usho kanje uJehova, uthi: Sengikugcobile ube-yinkosi kwaIsrayeli.
13Zase zishesha, zathatha, kwaba-yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi.
14UJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi wamenzela ugobe uJoramu — uJoramu wayelinda eRamoti-Gileyadi, yena naye wonke uIsrayeli ngenxa kaHazayeli inkosi yaseAramu,
15kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwé wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yaseAramu — uJehu wathi: Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki-muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.
16UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. UAhaziya inkosi yakwaJuda wayehlele ukumbona uJoramu.
17Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: Ngibona iviyo. UJoramu wathi: Zithathele owehashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: Kusahleziwe kahle na?
18Owehashi wayesehamba ukumhlangabeza, wathi: Isho kanje inkosi, ithi: Kusahleziwe kahle na? UJehu wathi: Unandabani nokuhlala kahle na? Buyela emva kwami. Wayesebika umlindi, ethi: Isithunywa safika kubo, kepha asibuyanga.
19Wayesethuma owehashi wesibili owaya kubo, wathi: Isho kanje inkosi, ithi: Kusahleziwe kahle na? Wathi uJehu: Unandabani nokuhlala kahle na? Buyela emva kwami.
20Umlindi wabika wathi: Sifikile kubo, kepha asibuyi; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya.
21Wayesethi uJoramu: Bophela. Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwaIsrayeli noAhaziya inkosi yakwaJuda baphuma, kwaba-yilowo nalowo ngenqola yakhe, baphuma ukumhlangabeza uJehu, bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.
22Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: Kusahleziwe kahle, Jehu, na? Wathi: Ukuhlala kahle kuni, kusekuningi ukufeba nokulumba kukanyoko uIzebeli, na?
23UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi kuAhaziya: Ngugobe, Ahaziya!
24UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.
25Wayesethi kuBidikari induna yakhe: Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa loludaba
26lokuthi: Impela ngiboné izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesisiqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesisiqephu njengezwi likaJehova.
27UAhaziya inkosi yakwaJuda eseboné lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela, wathi: Mbulaleni naye enqoleni yakhe; benze njalo-ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu. Wabalekela eMegido, wafela khona.
28Izinceku zakhe zamyisa ngenqola eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe kanye nawoyise emzini kaDavide.
29Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi uAhaziya waba-yinkosi kwaJuda.
30UJehu esefikile eJizreyeli, uIzebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.
31UJehu esengena esangweni wathi: Kusahleziwe kahle wena-Zimri, mbulali wenkosi yakho, na?
32Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: Ubani onami na? Ngubani? Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.
33Wathi: Mphonseni phansi. Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.
34Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: Mbhekeni lomqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi.
35Baya ukummbela, kepha abafumananga-lutho kuye, kuphela inhloko, nezinyawo, nezintende zezandla.
36Babuya, bamtshela. Wathi: Nanti izwi likaJehova owalikhuluma ngesandla senceku yakhe uEliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama kaIzebeli;
37isidumbu sikaIzebeli siyakuba-njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: Nangu uIzebeli.