Umbiko wokufa kukaSawule
1Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, futhi uDavide esehlalé izinsuku ezimbili eSikilagi,
2kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
3UDavide wathi kuye: Uvelaphi na? Wathi kuye: Ngibalekile ekamu* lakwaIsrayeli.
4UDavide wayesethi kuye: Bekunjani na? Ake ungitshele. Wathi: Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.
5UDavide wathi kuleyonsizwa eyamtshelayo: Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?
6Insizwa eyamtshelayo yathi: Ngithé ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahashi.
7Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: Ngilapha.
8Wathi kimi: Wena ungubani na? Ngathi kuye: NgingumAmaleki.
9Wathi kimi: Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngishaywé yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.
10Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.
11UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.
12Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakwaJehova, nendlu kaIsrayeli, ngokuba bebewile ngenkemba.
13Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: Ungowaphi na? Wathi: Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.
14UDavide wathi kuyo: Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?
15UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: Sondela, umsukele. Yamshaya waze wafa.
16UDavide wathi kuye: Igazi lakho malibe-phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.
Isililo sikaDavide ngoSawule noJonathani
17UDavide walila ngalesisililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,
18wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini yoQotho.
19Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.
Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20Ningakusho eGati,
ningakumemezeli ezitaladini zaseAshikeloni,
funa amadodakazi amaFilisti ajabule,
namadodakazi abangasokile athokoze.
21Nina-zintaba zaseGilibowa,
makungabikho-mazolo namvula phezu kwenu,
nokugubha kotwa,
ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa,
isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.
22Engazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe
umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva,
nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.
23OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi;
ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga;
babenejubane kunezinkozi,
babenamandla kunezingonyama.
24Nina-madodakazi akwaIsrayeli, mkhaleleni uSawule
owanigqokisa kamnandi ngokubomvu,
owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.
25Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi kokulwa!
UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.
26Ngidabukile ngawe-mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi;
lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho,
ludlula uthando lwabesifazane.
27Yeka ukuwa kwamaqhawe,
nokuphela kwezikhali zokulwa!