Isono sikaDavide noBati-Sheba
1Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye noIsrayeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRabi; kepha uDavide wahlala eJerusalema.
2Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.
3UDavide wathuma wabuza ngalowowesifazane. Omunye wathi: Lowo akasiye uBati-Sheba yini, indodakazi kaEliyamu, umkaUriya umHeti, na?
4UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.
5Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: Ngikhulelwe.
6UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: Thuma kimi u-Uriya umHeti. UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.
7Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
8UDavide wayesethi ku-Uriya: Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
9Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
10UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?
11U-Uriya wathi kuDavide: Umphongolo, noIsrayeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; minake, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyonto.
12Wayesethi uDavide ku-Uriya: Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe. U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolosuku nolulandelayo.
13Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.
14Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sikaUriya.
15Waloba encwadini ukuthi: Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.
16Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla.
17Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.
18UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;
19wasiyala isithunywa ngokuthi: Lapho uqedile ukuyitshela inkosi zonke izindaba zempi,
20kuyakuthi uma kuvuka intukuthelo yenkosi, ithi kuwe: Nisondeleleni kangako emzini ukulwa na? Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela besogangeni na?
21Ngubani owabulala uAbimeleki indodana kaJerubesheti na? Angithi owesifazane esogangeni wamphonsa ngembokodwe, wafa eThebesi, na? Nisondeleleni kangako ogangeni na? uthi: Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.
22Sase sihamba isithunywa, safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe.
23Isithunywa sathi kuDavide: Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba-sesikhaleni sesango.
24Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.
25UDavide wayesethi kuso isithunywa: Uyakusho kanje kuJowabe, uthi: Lento mayingabimbi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe; besewumqunga isibindi.
26UmkaUriya esezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.
27Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; wabangumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyonto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.