Ukwambuka kuka-Abisalomu
1Kwathi emva kwalokho uAbisalomu wazilungiselela inqola, namahashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.
2UAbisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakhuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, uAbisalomu wambiza wathi: Ungowamuphi umuzi na? athi: Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwaIsrayeli.
3Wathi uAbisalomu kuye: Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile, kepha akukho-muntu obekwé yinkosi ukuba akuzwe.
4UAbisalomu wathi futhi: Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni, kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.
5Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga.
6Wenze njalo uAbisalomu kubo bonke abakwaIsrayeli abeza enkosini ngamacala; uAbisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwaIsrayeli.
7Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane uAbisalomu wathi enkosini: Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni.
8Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri laseAramu sokuthi: Uma uJehova engibuyisela impela eJerusalema, ngiyakumkhonza uJehova.
9Inkosi yathi kuye: Hamba ngokuthula. Wayesesuka, waya eHebroni.
10Kepha uAbisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwaIsrayeli ngokuthi: Lapho nizwa ukukhala kwecilongo, anothi: UAbisalomu uyinkosi eHebroni.
11Kwahamba noAbisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi-lutho nakanci.
12UAbisalomu wathuma walanda uAhithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo kuAbisalomu.
Ukubaleka kukaDavide
13Kwafika umbiki kuDavide, wathi: Izinhliziyo zabantu bakwaIsrayeli zilandela uAbisalomu.
14UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka-muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.
15Izinceku zenkosi zathi enkosini: Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu, inkosi — bheka, nazi izinceku zakho.
16Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu.
17Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bahlala eBeti-Hamerhaki.
18Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.
19Inkosi yayisithi kuIthayi umGiti: Nawe uhambelani nathi na? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho.
20Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube-nawe.
21UIthayi wayiphendula inkosi, wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyondawo eyakuba-kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba-khona nenceku yakho.
22UDavide wathi kuIthayi: Hamba, uwele. UIthayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.
23Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.
24Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye, ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, uAbiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.
25Inkosi yathi kuSadoki: Buyisela emzini umphongolo kaNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo;
26kepha uma esho kanje, ethi: Angithokozi ngawe, bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.
27Yathi inkosi kuSadoki umpristi: Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, oAhimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.
28Bheka, mina ngiyakulibala ngasemazibukweni asehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.
29Ngalokho oSadoki noAbiyathara bawubuyisela umphongolo kaNkulunkulu eJerusalema, bahlala khona.
30UDavide wenyuka ngommango weNtaba yemiNqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.
31Kwabikwa kuDavide ukuthi: UAhithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu. Wayesethi uDavide: Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.
32Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.
33UDavide wathi kuye: Uma uhamba nami, uyakuba-ngumthwalo kimi;
34kepha uma ubuyela emzini, uthi kuAbisalomu: Ngiyakuba-yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba-yinceku yakho, khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.
35Abakho lapho nawe oSadoki noAbiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki noAbiyathara abapristi.
36Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, oAhimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.
37UHushayi umngane kaDavide wayesengena emzini; uAbisalomu wangena eJerusalema.