Isiluleko sesibili sika-Ahithofeli
1UAhithofeli wathi futhi kuAbisalomu: Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobubusuku,
2ngimfikele ekhathele, eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanaye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela,
3ngibuyisele kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba-nokuthula.
4Lelizwi lamjabulisa uAbisalomu nawo onke amalunga akwaIsrayeli.
5Wayesethi uAbisalomu: Mawumbize noHushayi umArki, sizwe okusemlonyeni wakhe naye.
6UHushayi esefikile kuAbisalomu, uAbisalomu wakhuluma kuye, wathi: UAhithofeli ukhulumé kanjalo; siyakwenza njengokusho kwakhe na? Uma kungenjalo, khuluma wena.
7UHushayi wathi kuAbisalomu: Isiluleko uAhithofeli eluleké ngaso manje asisihle.
8Wathi futhi uHushayi: Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwé amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.
9Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: Abantu abalandela uAbisalomu banqotshiwe;
10naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke uIsrayeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.
11Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke uIsrayeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri-Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.
12Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona, simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.
13Noma engena emzini, wonke uIsrayeli uyakuyisa amagoda kulowomuzi, siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.
14UAbisalomu nabantu bonke bakwaIsrayeli bathi: Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele uAbisalomu okubi.
15UHushayi wayesethi kuSadoki nakuAbiyathara abapristi: UAhithofeli weluleka uAbisalomu namalunga akwaIsrayeli kanje nakanje; mina ngeluleké kanje nakanje.
16Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobubusuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.
17OJonathani noAhimahasi babehlala e-Eni-Rogeli; incekukazi yayizingé ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.
18Kepha umfana wababona, wamtshela uAbisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.
19Owesifazane wathatha isimbozo, wasendlala phezu komlomo womthombo, weneka umqhazulo kuso, kungaziwa-lutho.
20Zase zifika izinceku zika-Abisalomu kowesifazane endlini, zathi: Baphi oAhimahasi noJonathani na? Owesifazane wathi kuzo: Bawuwele umfudlana. Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.
21Kwathi sezimukile, baphuma emthonjeni, baya bayitshela inkosi uDavide, bathi kuDavide: Sukani, nisheshe niwele amanzi, ngokuba uAhithofeli weluleké kanjalo ngani.
22UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababenaye, bawela iJordani; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.
23Lapho uAhithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.
UDavide useMahanayimi
24UDavide wayesefika eMahanayimi. UAbisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwaIsrayeli kanye naye.
25UAbisalomu wabeka uAmasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. UAmasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalinguItira umIsrayeli, owangena kuAbigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.
26OIsrayeli noAbisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.
27Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo-Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi
28baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba, nokolweni, nebhali*, nempuphu, notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa,
29nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababenaye ukuba badle, ngokuba bathi: Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.