UNkulunkulu akamvumeli uDavide ukwakha ithempeli
1Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke nxazonke,
2inkosi yathi kuNathani umprofethi: Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari*, kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.
3UNathani wathi enkosini: Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.
4Kepha kwathi ngalobobusuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi:
5Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na?
6Ngokuba angihlalanga-ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwaIsrayeli eGibithe kuze kube-namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele*.
7Ezindaweni zonke engihambahambé kuzo nakubo bonke abantwana bakwaIsrayeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwaIsrayeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami uIsrayeli ukuthi: Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?
8Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube-ngumbusi wabantu bami kwaIsrayeli;
9nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.
10Ngiyakumisela abantu bami uIsrayeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,
11kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe-phezu kwabantu bami uIsrayeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.
12Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.
13Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube-phakade.
14Mina ngiyakuba-nguyise, yona ibeyindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,
15kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.
16Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube-phakade.
17Njengawo onke lawomazwi nanjengawo wonke lowombono uNathani wakhuluma kuDavide.
Umkhuleko kaDavide
18UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube-lapha, na?
19Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulumé futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.
20UDavide angenezela ngokuthini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Jehova.
21Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba ukwazise inceku yakho.
22Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
23Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho uIsrayeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona ukuba babe-ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?
24Wazimisela ukuba abantu bakho uIsrayeli babe-ngabantu bakho kuze kube-phakade, wena-Jehova ube-nguNkulunkulu wabo.
25Manje, Jehova Nkulunkulu, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo, liqinise kuze kube-phakade, wenze njengokukhuluma kwakho.
26Malibe-likhulu igama lakho kuze kube-phakade ukuze kuthiwe: UJehova-Sebawoti unguNkulunkulu kaIsrayeli, indlu yenceku yakho uDavide imiswe ngaphambi kwakho.
27Ngokuba wena-Jehova-Sebawoti, Nkulunkulu kaIsrayeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi: Ngiyakukwakhela indlu; ngalokho inceku yakho itholé isibindi sokukhuleka lomkhuleko kuwe.
28Manje, Nkosi Jehova, wena unguNkulunkulu, namazwi akho ayiqiniso, uthembisile inceku yakho lokhu okuhle;
29ngalokho-ke mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe-sebusweni bakho kuze kube-phakade, ngokuba wena-Nkosi Jehova ukukhulumile; ngesibusiso sakho mayibusiswe indlu yenceku yakho kuze kube-phakade.