UThimothewu ululekwa ukuba abe-yibutho elithembekileyo likaKristu
1Ngakho wena-mntanami, yiba-namandla emseni okuKristu Jesu;
2lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba-namandla okufundisa nabanye.
3Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
4Akakho osempini olibala imidingo yalokhukuphila, aze akholeke kulowo abuthwé nguye.
5Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.
6Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.
7Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.
8Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,
9engihlupheka ngalo kuze kube-sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
10Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.
11Likholekile lelizwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi;
12uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;
13uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.
14Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi-lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.
15Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
16Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,
17nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu
18abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.
19Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinaloluphawu lokuthi: INkosi iyabazi abangabayo, nokuthi: Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.
20Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;
21ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezozinto, uyakuba-yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
22Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
23Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa;
24inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe-mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela,
25ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,
26basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwé nguye ukuba benze intando yakhe.