UPawulu uziphendulela phambi kukaFestu noAgripha
1Khona uAgripha wathi kuPawulu: Uvunyelwe ukuba uzikhulumele. UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi:
2Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho,
3ikakhulu lokhu uyisazi sawo onke amasiko nokuphikisana kwabaJuda; ngalokho ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngokubekezela.
4Inkambo yami kwasebusheni eyaba-sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi,
5bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi.
6Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba,
7ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelothemba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda.
8Kungani kube-yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na?
9Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;
10lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.
11Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba-semizini yabezizwe.
12Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu,
13emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami;
14kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngolimi lwesiHeberu, lithi: Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.
15Kepha mina ngathi: Ungubani, Nkosi, na? INkosi yathi: Mina nginguJesu omzingelayo.
16Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube-yisikhonzi nofakazi walokhukungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,
17ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo
18ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.
19Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga-ngongawulaleliyo umbono wasezulwini,
20kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.
21Ngenxa yalokho abaJuda bangibamba ethempelini, balinga ukungibulala.
22Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube-kulolusuku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumilutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka,
23ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.
24Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.
25Kepha uPawulu wathi: Angihlanyi, Festu odumileyo, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda.
26Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezizinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini.
27Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.
28UAgripha wathi kuPawulu: Kusilele kancane ungivumise ngibe-ngumKristu.
29UPawulu wayesethi: Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi-wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe-njengami, ngaphandle kwalezizibopho.
30Inkosi yayisisukuma nombusi noBernike kanye nababehlezi nabo;
31kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: Lomuntu akenzi-lutho olufanele ukufa noma izibopho.
32Kepha uAgripha wathi kuFestu: Lomuntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.