OAnaniya noSafira
1Kepha indoda ethile, igama layo linguAnaniya, inoSafira umkayo, yathengisa ngendawo;
2yagodla inxenye yemali, nomkayo ekwazi, yaletha inxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
3Wayesethi uPetru: Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?
4Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyonto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.
5Kuthé uAnaniya ezwa lawomazwi, wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.
6Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.
7Kwathi emva kwesikhathi esingaba-ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo.
8UPetru wayesethatha ethi: Ngitshele ukuba izwe nilithengisé ngokungaka na? Wathi: Yebo, ngokungaka.
9Kepha uPetru wathi kuye: Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.
10Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe.
11Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.
Izimangaliso zabaphostoli
12Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babenhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.
13Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu;
14benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane,
15ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.
16Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungezé iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.
Ukuboshwa nokukhululwa kwabaphostoli
17Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababenaye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,
18babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.
19Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:
20Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhukuPhila.
21Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababenaye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwaIsrayeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.
22Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika
23zathi: Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga-muntu ngaphakathi.
24Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwa lawomazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungabayini lokho na?
25Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.
26Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.
27Sebebalethile babamisa emphakathini; umpristi omkhulu wababuza,
28wathi: Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelogama; bhekani, senigcwalisé iJerusalema ngesifundiso senu, nihlosé ukwehlisela igazi lalowomuntu phezu kwethu.
29Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
30UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;
31lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe-yiNkosi noMsindisi ukuba anike uIsrayeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.
32Thina singofakazi balezozinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.
33Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala.
Isiluleko sikaGamaliyeli
34Kwase kusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke, wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;
35wayesethi kubo: Madoda akwaIsrayeli, qaphelani kulokho enizakukwenza kulababantu.
36Ngokuba ngaphambi kwalezizinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela.
37Emva kwalowo kwasuka uJuda waseGalile ezinsukwini zokubhalwa; wahlubukisa abantu ukuba bamlandele; nalowo wabhubha, nabo bonke abamlalelayo bahlakazeka.
38Manje-ke ngithi kini: Dedani kulababantu, nibayeke, ngokuba uma lelisu nalomsebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka;
39kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba-namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu. Bamvumela-ke.
40Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.
41Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama;
42abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.