Inkulumo kaMose isaqhubeka
1Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle oluBomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.
2UJehova wakhuluma kimi, wathi:
3Sekuyisikhathi niyizungeza lentaba; phendukani, niye ngasenyakatho.
4Yala abantu ngokuthi: Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwaEsawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,
5ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile uEsawu intaba yaseSeyiri ibe-yifa lakhe.
6Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.
7Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kulelihlane elikhulu; nakuleminyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba-nawe, awuswelangalutho.
8Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwaEsawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yaseAraba, ne-Elati, ne-Esiyoni-Geberi.
Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.
9UJehova wayesethi kimi: Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libeyifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti iAri libe-yifa labo.
10Kwakuhlala khona kuqala amaEmi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;
11laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi amaEmi.
12AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwaEsawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho uIsrayeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova.
13Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi. Sase siwela-ke umfula iZeredi.
14Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi-Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu*, njengalokho uJehova afunga kuwo.
15Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu*, aze aphela.
16Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,
17uJehova wakhuluma kimi, wathi:
18Wena uyakuwela iAri, umkhawulo wakwaMowabi;
19lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe-yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe-yifa labo.
20Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,
21abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,
22njengalokho ebenzela abantwana bakwaEsawu ababehlala eSeyiri, lapho ewachitha amaHori phambi kwabo, bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube-namuhla;
23kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba-seGaza, anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.
24Sukani nihambe, niwele umfula iArinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.
25Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.
26Ngase ngithuma izithunywa kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, zisuka ehlane laseKedemoti, zinamazwi okuthula, ngokuthi:
27Mangidabule izwe lakho; ngiyakuhamba ngomgwaqo, ngingajiki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
28Uyakuthengisa kimi ukudla ngemali ukuba ngidle, ningiphe amanzi ngemali ukuba ngiphuze; mangidabule kuphela ngezinyawo,
29njengalokho bangenzela abantwana bakwaEsawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala eAri, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.
30Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza-lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe-nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.
31UJehova wayesethi kimi: Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.
32USihoni waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa eJahasi.
33UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu, samnqoba yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.
34Sathatha yonke imizi yakhe ngalesosikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga-muntu;
35izinkomo kuphela sazithathela zona zaba-yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.
36Kusukela eAroweri elisosebeni lomfula iArinoni nasemzini osesigodini kuze kube-kwaGileyadi akubangakho-muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;
37izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJaboki, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.