Ngokusiza
1Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.
2Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe-nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.
3Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe, wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi.
4Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.
5Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Ngokuphatha kahle izilwane nangokungahlanganisi okungafanele
6Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
7kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube-kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
8Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.
9Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe-ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.
10Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.
11Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.
12Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo.
Imithetho yokugana neminye efananayo
13Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,
14amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: Ngamthatha lowesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniselo zobuntombi kuye,
15uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniselo zobuntombi bentombi, baziyise kumalunga omuzi esangweni,
16uyise wentombi athi kumalunga: Ngamnika lowomuntu indodakazi yami ibe-ngumkakhe, useyala;
17bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi: Angifumanisanga iziqiniselo zobuntombi endodakazini yakho; nokho nazi iziqiniselo zobuntombi bendodakazi yami. Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.
18Amalunga alowomuzi ayakumthatha lowomuntu, amlaye,
19amhlawulise ngamashekeli* esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi, ngokuba uvezé igama elibi phezu kwentombi yakwaIsrayeli, yona ibe-ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe.
20Kepha-ke uma lento iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini,
21bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwaIsrayeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
22Uma indoda ifunyanwa ilele nowesifazane ogané enye indoda, bayakufa bobabili, indoda ebilele nowesifazane nowesifazane uqobo; kanjalo uyakukhipha ububi kwaIsrayeli.
23Uma ikhona intombazana eyintombi iyingoduso yendoda, umuntu ayifumane emzini, alale nayo,
24niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowomuzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
25Kepha uma indoda ifumana endle intombi eyingoduso, indoda iyiphoqe, ilale nayo, indoda ebilala nayo kuphela iyakufa,
26ungenzi-lutho kuyo intombi, ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu lendaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe, ambulale,
27ngokuba wayifumana isendle; noma intombi eyingoduso yakhala, akwabakho-muntu wokuyisindisa.
28Uma indoda ifumana intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, baficwe,
29indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe-ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.
30Umuntu angathathi umkayise, ambule umphetho wengubo yakhe.