Imithetho yokujeziswa enkantolo; ubumnene kuzo izilwane ezisebenzayo
1Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,
2kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube-njengokwecala lakhe.
3Angamshaya imivimbo engamashumi amane, angadluli, funa, uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo, kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.
4Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula.
Umthetho wokungena
5Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana, umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe-ngumkakhe, amngene.
6Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwaIsrayeli.
7Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo, umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni, athi: Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwaIsrayeli; akathandi ukungingena.
8Amalunga omuzi wakhe ayakumbiza, akhulume naye; uma emi eqinisa ngokuthi: Angithandi ukumthatha,
9umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, aphendule athi: Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.
10Igama lakhe liyakuthiwa kwaIsrayeli Indlu yosicathulo sakhe sikhunyuliwe.
11Nxa amadoda amabili elwa, umfazi wenye abesesondela ukuyophula indoda yakhe esandleni saleyo eyishayayo, aselule isandla sakhe, ayibambe ngomphambili,
12womnquma isandla, iso lakho lingabi-namhawu.
Izisindo nezilinganiso ezilungileyo
13Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo, esikhulu nesincane.
14Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane.
15Woba-nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube-nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe-zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
16Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Icala lama-Amaleki
17Khumbula akwenzayo kuwe uAmaleki endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe
18ukuthi wakuhlangabeza endleleni, washaya abasemva kwakho, bonke ababebuthakathaka emva kwakho, lapho usukhathele, uphelile amandla; kamesabanga uJehova.
19Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libeyifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.