Isinqumo sokuba uJoshuwa athathe isikhundla sikaMose
1UMose waya ukukhuluma lawamazwi kubo bonke abakwaIsrayeli,
2wathi kubo: Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: Awuyikuliwela leliJordani.
3Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezizizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.
4UJehova uyakwenza kuzo njengokwenza kwakhe kuSihoni nakuOgi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.
5UJehova uyakuzinikela phambi kwenu, nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyalé ngayo.
6Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.
7UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwaIsrayeli: Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalababantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.
8UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba-nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi-nangebhe.
9UMose waloba lowomthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwaIsrayeli.
10UMose wabayala wathi: Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo, ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,
11lapho wonke uIsrayeli efiké ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lomthetho phambi kukaIsrayeli wonke ezindlebeni zakhe.
12Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alomthetho,
13nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.
14UJehova wathi kuMose: Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale. OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.
15UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu, insika yefu yema ngasemnyango wetende.
16UJehova wathi kuMose: Bheka, wolala koyihlo; lababantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.
17Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolosuku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolosuku: Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?
18Mina ngiyakufihla nokufihla ubuso bami ngalolosuku ngenxa yakho konke okubi abayakube bekwenzile, lokhu bephendukele kwabanye onkulunkulu.
19Ngalokho zilobeleni lelihubo, ulifundise abantwana bakwaIsrayeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba lelihubo libengufakazi wami ukumelana nabantwana bakwaIsrayeli.
20Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivamé ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.
21Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, lelihubo lifakaze phambi kwabo njengofakazi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo, lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje, ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.
22UMose wayeseloba lelihubo ngalona lolosuku, walifundisa abantwana bakwaIsrayeli.
23Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwaIsrayeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba-nawe.
24Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alomthetho encwadini aze aphela,
25uMose wawayala amaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi:
26Thathani lencwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe-khona, ibe-ngufakazi, imelane nani.
27Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakho elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova; kuyakuba-kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na?
28Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawamazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.
29Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyalé ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.
30UMose wayesekhuluma ezindlebeni zebandla lonke lakwaIsrayeli amazwi ehubo lakhe, aze aphela.