Isiyalezo sokugcina imiyalo kaNkulunkulu nesokumthanda
1Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,
2ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.
3Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube-kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivamé ubisi nezinyosi.
4Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye;
5wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
6Lawamazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba-senhliziyweni yakho,
7ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
8Uyakuwabopha abe-luphawu esandleni sakho, abe-yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.
9Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.
10Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo, oAbrahama, noIsaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,
11nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe,
12xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
13Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.
14Aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezayo —
15ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu — funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.
16Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho namlinga eMasa.
17Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyalé ngakho.
18Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube-kuhle kuwe, ungene ulidle lelozwe elihle uJehova alifungela oyihlo
19ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokho ekhulumile uJehova.
20Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyalé ngakho na?
21uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi: Sasiyizigqila zikaFaro eGibithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla;
22uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,
23wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba.
24UJehova wasiyala ukwenza zonke lezozimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube-kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.
25Kuyakuba-ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke lemiyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.