Konke kunesikhathi sakho
1Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
2Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa,
isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;
3isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa,
isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;
4isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka,
isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;
5isikhathi sokuphonsa amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe,
isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;
6isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa,
isikhathi sokugcina nesikhathi sokulahla;
7isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga,
isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;
8isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda,
isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola.
9Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?
10Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
11Wenzile konke kube-kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube-sekupheleni.
12Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.
13Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
14Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba-khona kuze kube-phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
15Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba-khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.
Umuntu ufana nezilwane
16Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.
17Ngase ngithi enhliziyweni yami: UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi, ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke nesemisebenzi yonke.
18Ngathi enhliziyweni yami: Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.
19Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.
20Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.
21Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?
22Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba-semva kwakhe na?