Abantu bakhonona eMasa
1Ibandla lonke labantwana bakwaIsrayeli lasuka ehlane laseSini, bahamba ngamabanga njengesiyalo sikaJehova, bamisa eRefidimi; kwakungekhomanzi okuba abantu baphuze.
2Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: Siphe amanzi, siphuze. UMose wathi kubo: Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?
3Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?
4UMose wayesekhala kuJehova, ethi: Ngizakwenzani kulababantu na? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.
5UJehova wathi kuMose: Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwaIsrayeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.
6Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwaIsrayeli.
7Waqamba igama laleyondawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwaIsrayeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?
Ukulwa noAmaleki
8Kwase kufika uAmaleki, walwa noIsrayeli eRefidimi.
9UMose wathi kuJoshuwa: Sikhethele amadoda, uphume ulwe noAmaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.
10UJoshuwa wenze njalo, njengalokho uMose eshilo kuye, walwa noAmaleki; oMose, noAroni, noHure bakhuphukela esiqongweni sentaba.
11Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, uIsrayeli wahlula, kepha nxa esehlisa, uAmaleki wahlula.
12Kodwa izandla zikaMose zaba-nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; oAroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.
13UJoshuwa wamchitha uAmaleki nabantu bakhe ngosiko lwenkemba.
14UJehova wathi kuMose: Kulobe lokhu kube-yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.
15UMose walakha ialtare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.
16Wathi: Isandla singasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sokuthi uJehova uyakulwa noAmaleki izizukulwane ngezizukulwane.