Ukufika eSinayi
1Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe, ngalona lolosuku, bafika ehlane laseSinayi.
2Sebesukile eRefidimi, befiké ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; uIsrayeli wahlala khona phambi kwentaba.
3UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwaIsrayeli, uthi:
4Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.
5Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba-yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,
6nibe-ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawomazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwaIsrayeli.
7UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawomazwi uJehova amyalé ngawo.
8Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.
9UJehova wathi kuMose: Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube-phakade. UMose walandisa uJehova amazwi abantu.
10UJehova wayesethi kuMose: Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,
11babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.
12Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;
13makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila; nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.
14UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.
15Wayesethi kubantu: Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.
16Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba-khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.
17UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.
18Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.
19Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.
20UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.
21UJehova wayesethi kuMose: Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.
22Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.
23UMose wathi kuJehova: Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.
24Wayesethi uJehova kuye: Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke, wena noAroni enawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli, bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.
25UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.