Imithetho yealtare lokushisa impepho
1Uyakwenza ialtare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo.
2Ubude balo bube-yingalo, nobubanzi balo bube-yingalo, libe-nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube-yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe-kunye nalo.
3Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke.
4Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe-yizindawo zezinti zokulithwala.
5Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.
6Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.
7UAroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.
8Nalapho uAroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe-yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.
9Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli-mnikelo wokuphuzwa kulo.
10UAroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.
Imali yokubuyisana
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12Nxa ubala inani labantwana bakwaIsrayeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho-sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.
13Lokhu bayakukuthela, kube-yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele — ishekeli lingamagera* angamashumi amabili — inxenye yeshekeli ibe-ngumnikelo kuJehova.
14Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.
15Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
16Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwaIsrayeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe-yisikhumbuzo sabantwana bakwaIsrayeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
17UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana nealtare, uthele amanzi kuwo.
19UAroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
20Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela ealtare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova;
21mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube-yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.
Amafutha angcwele okugcoba
22UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:
23Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,
24nekasiya* lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli* lendlu engcwele, nehini* lamafutha eminqumo.
25Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe-ngamafutha angcwele okugcoba.
26Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
27netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, nealtare lempepho,
28nealtare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo.
29Wokungcwelisa ukuze kube-ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba-ngcwele.
30Wobagcoba uAroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
31Ukhulume kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Lokhu kuyakuba-kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
32Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabengcwele kini.
33Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.
34UJehova wathi kuMose: Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena*, amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,
35wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwé ngosawoti, enhle, engcwele;
36ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe-ngcwelengcwele kini.
37Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo; yobangcwele kuwe, yenzelwe uJehova.
38Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.