Ithole legolide
1Abantu sebeboné ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana kuAroni, bathi kuye: Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.
2UAroni wayesethi kubo: Khumulani amacici egolide asezindlebeni zawomkenu, nakwezamadodana enu, nakwezamadodakazi enu, niwalethe kimi.
3Bonke abantu bakhumula-ke amacici egolide asezindlebeni zabo, bawayisa kuAroni.
4Wawamukela ezandleni zabo, wawabumba ngengwedo, wawenza aba-yithole elibunjiweyo, bathi: Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.
5UAroni wakubona, wakha ialtare phambi kwalo; uAroni wamemezela wathi: Kusasa kuzakuba-khona umkhosi kaJehova.
6Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.
Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose
7UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;
8baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.
9UJehova wathi kuMose: Ngibabonile lababantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.
10Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede, ngikwenze ube-yisizwe esikhulu.
11UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?
12AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi: Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba. Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobububi ngakubantu bakho.
13Khumbula oAbrahama, noIsaka, noIsrayeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe-ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke lelizwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube-phakade.
14UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.
15UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwé nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha.
16Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.
17UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: Kukhona umsindo wempi ekamu*.
18Wathi: Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba, akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.
19Kwathi esasondela ekamu*, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.
20Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze labaluthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwaIsrayeli.
21UMose wathi kuAroni: Benzeni kuwe lababantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?
22Wathi uAroni: Ulaka lwenkosi yami malungavuthi; uyabazi abantu ukuthi bathanda ububi.
23Ngokuba bathi kimi: Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba UMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.
24Ngase ngithi kubo: Onalo igolide makalikhumule; base benginika lona, ngaliphonsa emlilweni, kwaphuma lelithole.
25UMose wababona abantu ukuthi babedlubulundile; ngokuba uAroni wayebakhululile baze bahlekwa yizitha zabo;
26uMose wayesema esangweni lekamu*, wathi: AbakaJehova mabeze kimi. Onke amadodana kaLevi ayesebuthana kuye.
27Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Akube-yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu*, aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube-kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.
28Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolosuku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu.
29Wayesethi uMose: Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.
30Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.
31UMose wabuyela kuJehova, wathi: Hawu, lababantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.
32Nokho uma ubathethelela isono sabo —; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.
33UJehova wayesethi kuMose: Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.
34Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyondawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.
35UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo uAroni.