OMose noAroni bephambi kukaFaro
1Ngasemuva oMose noAroni bafika, bathi kuFaro: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.
2Wathi uFaro: Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke uIsrayeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela uIsrayeli ukuba ahambe.
3Base bethi: UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.
4Inkosi yaseGibithe yathi kubo: Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina-Mose noAroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.
5UFaro wathi: Bheka, abantu sebebaningi ezweni, nokho niyabaphumuza emithwalweni yabo.
6Ngalona lolosuku uFaro wayala abaphathi babantu nezinduna zabo, wathi:
7Anisayikubanika abantu utshani bokwenza izitini njengaphambili; mabahambe bazibuthele utshani.
8Kepha isilinganiso sezitini ekade besenza, bamiseleni sona, ningasinciphisi, ngokuba bayenqena; ngalokho bayakhala bathi: Masihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.
9Mayenziwe ibe-nzima imisebenzi phezu kwabantu, bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.
10Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo, bakhuluma kubantu, bathi: UFaro usho uthi: Angisayikuninika utshani.
11Hambani nina, nizifunele utshani, lapho ningabuthola khona, ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.
12Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe-yibona-tshani babo.
13Abaphathi babaqhuba, bathi: Qedani imisebenzi yenu, imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.
14Izinduna zabantwana bakwaIsrayeli abazibeké phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?
15Zase zifika izinduna zabantwana bakwaIsrayeli, zakhala kuFaro, zathi: Uziphathelani izinceku zakho kanje na?
16Izinceku zakho aziphiwanga-tshani; nokho bathi kithi: Bumbani izitini; futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.
17Kepha wathi: Yinina enenqena, yebo, niyenqena; ngalokho nithi: Ake sihambe sihlabele uJehova.
18Ngalokho hambani nisebenze, ngokuba aniyikuphiwa-tshani, kepha isilinganiso sezitini niyakusiqeda.
19Izinduna zabantwana bakwaIsrayeli zabona ukuthi basekuhluphekeni, lapho kuthiwa: Aniyikunciphisa izitini zenu esilinganisweni semihla ngemihla.
20Zahlangana noMose noAroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro.
21Zathi kubo: UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeké inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.
22UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: Nkosi, wenzeleni okubi kulababantu na? Ungithumeleni mina na?
23Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho, ubaphathé kabi lababantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.